USWELE umgodi wokucasha umqeqeshi weReal Madrid uXabi Alonso kulandela ukutalajwa kweqembu lakhe yi-PSG ngo 4-0 kwiFifa Club World Cup
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI omusha weReal Madrid, uXabi Alonso ofike ethwelwe ngeqoma, uvume ngomlomo wakhe ukuthi bumethusile ububanzi begebe eliphakathi kwabo neParis Saint-Germain ebabhubhudle ngo 4-0 ovuthayo kowandulela owamanqamu weFifa Club World Cup ngoLwesithathu eNew Jersey.
Ngale wini yamagoli amabili kaFabian Ruiz, Osumane Dembele noGonzalo Ramos, ompetha be-Uefa Champions League bazibekisele indawo kowamanqamu abazowudlala neChelsea ngeSonto ngo-9 ebusuku eMetLife Stadium.
Abafana emadodeni bacace zisuka kulo mdlalo kwazise imizuzu yokuqala engu-10 ithe iqambe iphela i-PSG ibisihamba phambili ngo 2-0.
Kucace umdlalo uqala ukuthi i-PSG iyashesha kuneMadrid futhi iyona efuna kakhulu ukuwina. Amaphutha asobala kubadlali basemuva beMadrid abaqavile okukhona kubona u-Antonio Rudiger, acacile ukuthi adalwa yisithunzi i-PSG efike naso emdlalweni.
Ngemuva komdlalo, u-Alonso ongene esikhundleni sikaCarlo Ancelotti muva nje, uvumile ukuthi lo mdlalo umsizile ukuqonda ukuthi lingakanani igebe eliphakathi kwabo nompetha beChampions League.
“Ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi asizange sizwele lesi sibhaxu kodwa kufanele sisamukele ngokushesha ngoba sihlulwe yiqembu elingcono kunathi,” kusho u-Alonso esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Okuhle ngale nduku wukuthi isinekele obala ukuthi sikude kangakanani nompetha base-Europe. Sizoya kophumula kancane sihluze umqondo ukuze sizobuya neqhinga elizosibeka lapho sifuna ukufinyelela khona.
“Isifundo engikhulekela ukuthi abadlali bami babuye naso kulo mqhudelwano wukwazi ubumqoka bokudlala ngokubumbana njengeqembu kunokugqama ngabodwana."