UFAKE igama lakhe ohlwini lwabangase babuye nezindondo kumaWorld Championships, umsubathi wakuleli, uLuxolo Adams, onqobe umjaho webanga u-200m wabesilisa kwiDiamond League, eParis, ngempelasonto.
U-Adams weqe umugqa ngo-19.82 okuyisikhathi esihamba phambili kunazo zonke ake azigijima.
U-Alexander Ogando waseDominican Republic, uthathe indawo yesibili ngemizuzwana engu-20.03, uMouhamadou Fall waseFrance, walala isithathu ngo-20.26, umpetha wama-Olympic, u-Andre de Grasse waseCanada, wangena endaweni yesine ngo-20.38.
Irekhodi laseNingizimu Afrika lika-200m okwamanje liphethwe nguClarence Munyai, owagijima imizuzwana engu-19.69 ngoMeyi ka-2018, bese kulandela yena u-Adams.
Abanye bakuleli abake bagijima leli banga ngesikhathi esingaphansi kwemizuzwana engu-20, nguWayde van Niekerk no-Akani Simbine.
U-Adams waphuma endaweni yesihlanu kwi-Athletics South Africa (ASA) National Championships eKapa, ngo-Ephreli, ngesikhathi esingu-21.14, nokuholele ekutheni angabi yingxenye yeqembu ebeligijima kuma-African Championships, eMauritius, ngasekuqaleni kwale nyanga.
Umqeqeshi wakhe, uGerrie Posthumus, ulindele ukuthi enze okungcono kumaWorld Championship azobanjelwa e-Oregon, e-United States, ngenyanga ezayo.
“Icebo lami bekungukuthi angagqami kakhulu kuma-ASA Champs. Besihlose ukuthi izinga alinyuse ngaphambi kwamaWorld Championships, ngaphambi kokuthi kufike usuku lokugcina lokuzibekisela indawo ekupheleni kukaJuni,” kusho uPosthumus etshela i-iol.co.za.
“Nakanjani usengakwazi ukushesha kunalokhu. Manje sesifuna ukungena egiyeni elilandelayo ngaphambi kwama-World Championships. Sifuna ukulungisa nendlela agijima ngayo ejikeni ngoba akaphumi ngendlela esifuna ngayo kulona.”
Khonamanjalo: UZakithi Nene naye unyuse ithemba ngokuthatha indawo yesithathu emjahweni wabesilisa ka-400m eParis, ngesikhathi esiyimizuzwana engu-44.99.
Lo mjaho unqotshwe uSteven Gardiner waseBahamas, ngemizuzwana engu-44.21.
“Sithanda ukuhalalisela abasubathi bethu abathole izindondo, ikakhulukazi esigabeni esihlonishwayo njengeDiamond League,” kusho umengameli we-ASA, uJames Moloi, esitatimendeni.
“Siyaziqhenya ngempumelelo yabo futhi sihalalisela nabaqeqeshi babo nabo bonke ababambisene nabo. Siyethemba ukuthi lokhu kuzobasiza ukuthi baphumelele kumaWorld Championship, e-Oregon, e-USA.”
AmaWorld Championships azoqala ngoJulayi 15, aphele ngoJulayi 24.