UFIKELWA wubuhlungu benhliziyo umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, uma ecabanga ngokuthi bangase bashiywe yisitobha u-Anele Ngcongca okhonjwa eBelgium.
UNgcongca (32) onenkontileka yonyaka neSundowns, kungenzeka adlale umdlalo wakhe wokugcina iqembu uma selibhekene neBloemfontein Celtic kowamanqamu weNedbank Cup e-Orlando Stadium kusasa. Umdlalo uzoqala ngo-8 ebusuku.
Iqembu elidlala esigabeni sesibili eBelgium, iKSV Roeselare, ngoJulayi limemezele ukuthi lisayinise uNgcongca inkontileka yeminyaka emibili futhi limlindele ukuthi azolijoyina ngokushesha. Imenenja kaNgcongca, uMike Makaab, ikuchithile lokhu ngaleso sikhathi. Nokho emasontweni adlule uMakaab ucashunwe esethi bazohlala phansi bayibhunge neSundowns indaba kaNgcongca ikakhulukazi ngoba iRoeselare ifuna ukumenza umqeqeshi uma eseyeke ibhola okuyinto efunwa wumdlali.
UMosimane uthe kungaba buhlungu ukuhamba kukaNgcongca kwiSundowns.
“Uyazi ukuthi ngizizwa kanjani ngoNgcongca. Ungomunye wabadlali basemuva kwesokudla ababukelwa phansi eNingizimun Afrika. Uyakwazi ukubhekana nabadlali basezinhlangothini abanejubane nabanamandla. Uyakwazi ukuzibeka ezindaweni ezifanele. Akamaki kangako. Unamava. Uwine izindebe eziningi e-Europe. Akakutholi ukunconywa okumfanele,” kusho uMosimane.
“Kungaba buhlungu ukulahlekelwa nguye kodwa angazi ukuthi kwenzekani phakathi kweqembu nemenenja yakhe ngoba kade sisemgonqweni. Ngokwami ngeke ngithande ukulahlekelwa nguye. Ngingajabula uma engahlala kodwa kufanele sikwamukele uma efuna ukuhamba. Kufanele sisamukele isimo.”
UNgcongca uhlale iminyaka eyisishiyagalolunye eBelgium edlala kwiKRC Genk esigabeni esikhulu. KwiSundowns uwine isicoco seligi kathathu, CAF Champions League, Super Cup neTelkom Knockout.
Njengoba sekuqinisekisiwe ukuthi iSundowns iyabuyela kwiChampions League emuva kokuwina isicoco se-Absa Premiership, izovulela iCeltic indawo kwiCAF Confederation Cup. ICeltic izohambisana ne-Orlando Pirates eqede endaweni yesithathu kwiPremiership. IPhunya Selesele izodlala okokuqala kwiCAF.
“Bekungaba mnandi ukubona iDr Petrus Malemela igcwele ichichima abalandeli nokubona amaqembu angaphandle egijima kuleya nkundla ehlala ichwaza abalandeli. Bengingathanda ukuba mdibi munye ngizibonele kuqopheka umlando. Bekuzoba nzima emaqenjini ukuya laphaya kunabalandeli. Ngiyathemba ukuthi sizodlala kwiCAF ibhola selibuyele esimeni esijwayelekile, “ kusho uMosimane. Njengamanje ibhola lidlalwa ngaphandle kwabalandeli ngenxa yokulwa nokubhebhetheka kweCoronavirus.