KUPHINDE kwahlehla ukulalelwa kwecala lokuqondisa ubugwegwe beRoyal AM obekumele lingele ngoMgqibelo.
Bese kungokwesibili lokhu kwenzeka njengoba kwakumele lingene ngoJulayi 17 nakhona lahlehla.
IRoyal AM ibekwe ikomiti eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League (PSL) icala lokwehlisa le nhlangano isithunzi kulandela ukungayingeni eyokuya emidlalweni yokuhlungela ukukhuphukela kwiDStv Premiership, eyayizoyidlala neRichards Bay neChippa United.
Ngokuthola kweSolezwe, iRoyal AM icele ukuthi kuhlehle ukungena kwecala ngezizathu ezimbili.
Esokuqala ukuthi uShauwn Mkhize ongumnikazi weRoyal AM ubengeke akwazi ukuba yingxenye yokulalelwa kwecala lokuqondiswa ubugwegwe yiPSL, kwazise ubegula.
Sivunyiwe lesi sicelo kodwa sachithwa esesibili lapho iRoyal AM ibicela ukuthi lokhu kuqondiswa ubugwegwe kwayo, kume kuze kube kusongwa yonke into ethinta isisusa saleli cala.
Namuhla kulindeleke ukuthi kuphume isinqumo enkantolo yaseSouth Gauteng ngecala iRoyal AM esola ngalo iPSL ngokushaya indiva umyalelo wenkantolo ngokuqhubeka nemidlalo yokuhlunga.
IRoyal AM ikholwa ukuthi iyona okumele ikhushulelwe esigabeni esikhulu, izeseka ngokuthi iyona okwaphela imidlalo yeGladAfrica Championship iqhwakele kwi-log.
Sekuwumlando ukuthi kufakwane ezinkantolo, egcine ivune umehluleli weSafa ngokuthi kunikezwe iSekhukhune United amaphuzu amathathu, nokuyikhuphulele esicongweni kwi-log yalesi sigaba, iRoyal AM yehlela kweyesibili. ISekhukhune yavunwa icala lapho yamangalela iPolokwane City ngokungadlalisi isibalo esanele sabadlali abangaphansi kweminyaka engu-23.
Lo mdonsiswano okhona phakathi kwePSL neRoyal AM, kubukeka kuyiwona owenza ukuthi kuze kube yimanje lungaphumi uhla lwemidlalo yangesizini ezayo.
Kuthintwa uMato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL ngalokhu, uthe ibhodi lale nhlangano lizohlangana ngoLwesine okuyilapho kuzocaca khona ngohla lwemidlalo.