NJENGOBA kusasa kusongwa imidlalo yeDStv Premiershi, akungatshwazwa ukuthi amehlo azobe ebheke ukuthi izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates zizokuthola yini ezikudingayo, ukuze kube khona okubambekayo ezithi zikwenzile kwiligi kwisizini ka-2020/2021.
IziMpofana zizovala ngokuqhuthana neTS Galaxy, eMbombela Stadium kusasa ngo-3 ntambama. Ngesikhathi esifanayo iBucs izobe igadulisana neTshakhuma Tsha Madzivhandila e-Orlando Stadium, eSoweto.
Amaphuzu amathathu kwiChiefs angase ayinikeze ithuba lokungena kwiTop 8, okusho ithuba lokudlala kwiMTN 8 ekuqaleni kwesizini ezayo. IPirates yona izobe ilwela amaphuzu amathathu, ukuze ingabe isagudluka endaweni yesithathu ephethe ithikithi lokudlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
Amakhosi amelwe wukunqoba kwiGalaxy, okuyiyona evale kwiTop 8 ngaphambi kwemidlalo yokugcina.
Ukuhluleka kwiChiefs wukunqoba kwiGalaxy, kuzobe kusho ukuthi le sizini ingenye yamabi ukuwedlula wonke emlandweni waleli qembu elaziwa ngezicoco.
Kusengenzeka futhi konakale kakhulu kwiChiefs uma ingabuyi nalutho eMbombela ngoba iBloemfontein Celtic neBaroka FC bangayeqa uma benqoba imidlalo yabo yokugcina.
"Sizowuhlelela ngendlela efanele owokusonga isizini. Umqoka kakhulu lo mdlalo ngoba nakuwona sidinga iwini, hhayi okunye.
"Bazohluka kancane abadlali esizoya ngabo kwiGalaxy kodwa ukwazi ukuthi sisalelwe wumdlalo owodwa, okuyiwona futhi esingahlenga ngawo isizini, kwanele ukukhuphulela abadlali ukuzethemba," kusho u-Arthur Zwane oyibamba leChiefs.
Awumkhulu kangako umehluko phakathi kokufunwa yiChiefs kulokhu okudingwa yiPirates ngale mizuzu engu-90 esele yesizini.
IBucs kumele inqobe kwiTTM ukuze izibekisele indawo kwiConfed ngesikhathi esifanayo imincele ukuthi iGolden Arrows iyahlulwa yiStellenbosch FC eThekwini.
Okungasiza iPirates wukuthi ishaye inqwaba yamagoli kwiTTM ngoba uma ingakwenzi lokhu, i-Arrows ingabeqa kube iyona eqeda isendaweni yesithathu.
"Sisalelwe wumdlalo onzima futhi siya kuwona sazi ukuthi uma singatholi amaphuzu agcwele isizini yethu izoba ngemnyama ngaphezulu kwalokhu eyikhona.
"Kuhle ngoba siya kwiTTM sizethemba kulandela iwini kwiBaroka. Kucacile, (kuphakathi kokuthi) siyawina noma sivulela abanye ukuthi bangene," kusho uJosef Zinnbauer oqeqesha iPirates.
UMandla Ncikazi oqeqeha i-Arrows, uthe bazimisele ngokuyivala ngezinga eliphezulu iligi.
"Kayikho kangako ingcindezi ngomdlalo wokugcina kodwa kungaba kuhle ukusonga ngokuqoqa amaphuzu agcwele ekhaya, bese konke okunye okwenzekayo kube yibhonasi,“ kusho uNcikazi.