UBEBASHIYA belele kanje uThembinkosi Lorch kwiFifa Club World Cup abedlalela kuyona iWydad Athletic yaseMorocco, kwababebhekene kuwona neManchester City yase-England
Image: BACKPAGEPIX
UKUSHAYA into yamehlo kukaThembinkosi Lorch kwiFifa Club World Cup edlalela iWydad Athletic yaseMorocco kungase kumvulele umnyango wangemuva emqondweni, kaMiguel Cardoso, oqeqesha iMamelodi Sundowns lo mdlali asesemabhukwini ayo.
ULorch (31) uzoba semabhukwini eWydad kuze kube uJulayi 30, lapho kuzophela khona inkontileka yokubolekwa ephakathi kwakhe naleli qembu elinomlando eqale ngoJanuwari, nonyaka.
Igama lalo mdlali owagqama kwi-Orlando Pirates ngaphambi kokusayiniswa yiMamelodi Sundowns ngoJanuwari 26, wonyaka odlule, lisematheni kulezi zinsuku kulandela ingcwenga yebhola ayidlale e-United States of America (USA).
ULorch ulidlale lonke ibhola kwiClub World Cup yize iqembu lakhe likhale ngaphansi kuyona yonke imidlalo yamaqoqo.
Omunye weminyakazo eyenze kwakhulunywa ngaye kakhulu uLorch, yingcwenga yegoli ayishaye bebhekene nezinkunzi zase-Europe, iJuventus yase-Italy.
Yize uLorch aqala kahle kwiSundowns kodwa ukushiya isigubhukane kukaRulani Mokwena, okungumqeqeshi owamlanda kwiPirates, kwabukeka sengathi kuyamphazamisa.
Akuzange kwethuse ngesikhathi iWydad eyayisiqeqeshwa uMokwena iboleka uLorch kwiSundowns ngasekuqaleni kuka-2025.
Ngaphansi kukaCardoso, uLorch udlale umdlalo owodwa obekungoweCaf Champions League.
Ngaphandle kwalowo mdlalo, uCardoso uthole ithuba lokuzibukela yena lo mdlali odume ngelikaNyoso elihlikihla ezinkundleni ezahlukene e-USA.
Ngesikhathi iSundowns ibuya eNingizimu Afrika maphakathi nesonto eledlule isuka e-USA, uCardoso ukhulume kabanzi ngafisa ukukwenza ngesikwati sakhe.
Yize engazange asho lutho ngabadlali ababolekisiwe kodwa kungenzeka ukuthi ukuzibonela yena uLorch kungamshintsha umqondo kwazise inkontileka yakhe isasalelwe yisizini.
“Kusemqoka ukuliqinisa ngokungaphezulu iqembu lethu ngoba kufanele libe lukhuni ngaphezu kwebeliyikhona ngesizini edlule,” kusho uCardoso okwamukela kwabezindaba nokuthi kunabanye abadlali abangase babashiye kwazise amaqembu aphesheya kwezilwandle abeyiqaphe ngelokhozi iClub World Cup.
Kusezandleni zayo iSundowns ukuthi ithatha isinqumo ngoLorch ngenxa yokuzidayisa kwakhe kuzidayisa e-USA njengoba kuvela ukuthi iWydad isifuna ukumgcina unomphelo.
Isolezwe lihoshe ukuthi iSundowns esalelwe yisizini, isisebenzisa ukuziveza kukaLorch ukukhuphula imali eyifuna ngaye yize esalelwe yisizini eyodwa kwinkontileka yakhe neSundowns.
Kwenzeka konke lokhu nje, abalandeli beSundowns bamfuna ebuyile eqenjini labo uLorch kwazise bambona engcono kakhulu kunoTashreeq Matthews, ohlulwe yinqwaba yamathuba abezosiza amaBrazilians kwiClub World Cup.