SELIGCWALE umoya ibhantshi ku-Ernst Middendorp, ofake iKaizer Chiefs ehlazweni enganqobi sicoco ngesizini ka-2019/2020 ebigubha ngayo iminyaka engu-50 yasungulwa.
Izindaba zokuntaza kwebhantshi kuMiddendorp zivezwe yiyo iChiefs ekhasini layo elilandelwa zinkulungwane kwiTwitter ngoLwesithathu ntambama.
“Ngemuva kokubuyekeza isimo okwenziwe nguSihlalo wweKaizer Chiefs uKaizer Motaung nobuholi beqembu, Amakhosi asenqume ukuhlukanisa inhloko nesixhanti phakathi kwawo nomqeqeshi u-Ernst Middendorp ngokushesha kusukela manje,” kusho iChiefs kwiTwitter.
UMiddendorp uzohamba asale engakhalelwa muntu kwiChiefs kwazise ngisho nabanikazi beqembu, abalandeli - Amakhosi, kade belibizile egodini igama lakhe.
Okucike kakhulu abalandeli wukuthi ahlulwe wukunqoba iligi ngemuva kokuqopha kwezakhe umlando ziqhwakela esicongweni selog izinyanga ezingu-13.
Lokho akukaze kwenzeke emlandweni, kodwa-ke bekufunzelelwe wukubheduka kwecoronavirus.
Sekuwumlando, kodwa futhi oyohlezi uyilumisa okotwayi iChiefs, ukuthi iligi igcine inqotshwe yiMamelodi Sundowns, abeke bayishiya ngamaphuzu ayisishiyagalolunye ngaphambi kukaKhisimusi ka-2019.
Kulokho, iSundowns iqophe amarekhodi ayindathane abalandeli beChiefs abangeke bafise ukuzwa ngawo.
QAPHELA: landela zonke izigcawu nezinkundla zeSolezwe ukuze ungaphuthelwa yisiphetho salolu daba njengoba kusazoqashwa nomqeqeshi ozovala isikhala.