ZAKHELE XABA
IZINGXOXO zenkontileka entsha kaBernard Parker, kwiKaizer Chiefs, zizohlanganisa nomsebenzi azowenza eNaturena, uma esewaphanyeke emgibeni amakhokho.
UParker (35), usephila ngokuvuselela inkontileka njalo ngaphambi kokuqala kweNaturena. Inkontileka yesizini ka-2021/2022 iyaphela ngoJuni.
UParker ngomunye wabadlali beChiefs okungakacaci ngekusasa labo kuleli qembu, kwazise basemaphethelweni ezinkontileka zabo. Kulaba badlali kubalwa uRamahlwe Mphahlele, Lebo Manyama, Lazarous Kambole, Kearyn Baccus nonozinti uDaniel Akpeyi.
Imenenja kaParker, uMike Makaab weProSport International, ithe bazokhuluma neChiefs ekupheleni kwesizini.
"Asikhulumi neChiefs ngendaba yenkontileka kaBernard uma ingakapheli isizini ngenxa yokuthi akaseyena umdlali osemncane. Inhloso kaBernard wukuhlala kwiKaizer Chiefs, aqeqeshe uma kwenzeka njengoba eseqalile ukwenza izifundo zalo msebenzi.
“Ngaphandle kwalokho ungumuntu olungile, osezihlomisile ngemfundo. Uyakuqonda ukuthi kukhona impilo uma engasalidlali ibhola. UBernard ufisa ukwenza noma yimuphi umsebenzi kwiChiefs. Kodwa sizolinda sibone ukuthi kwenzekani ezinyangeni ezimbalwa ezizayo," kusho uMakaab.
Ngaphambi kokuqala kwesizini edlule, iChiefs ichithe uWillard Katsande, emuva kweminyaka engu-10 edlala kuyona. Lokhu kushaqise abaningi abebecabanga ukuthi le njini yaseZimbabwe, izophendlelwa isikhundla eNaturena.
UParker usayine kwiChiefs ngo-2011, ephuma phesheya kwezilwandle. Ubekhona eqenjini eliwine isicoco seDStv Premiership kabili ngaphansi komqeqeshi uStuart Baxter, osekhuze ibuya eNaturena. Kule sizini, uBaxter unike uParker ibhande likakaputeni njengoba engadlali ukaputeni weqembu, u-Itumeleng Khune.
"Angithandi ukuqhathanisa uBernard nomunye umuntu. UBernard uphila ngenye indlela. Uyazi ukuthi sizofika isikhathi empilweni yakhe lapho engeke esakwazi khona ukudlala ibhola. Kuwubuhlakani ukukhuluma neChiefs, hhayi kuphela ngokudlala kwakhe kodwa ngazokwenza ngaphakathi eqenjini ngokuhamba kwesikhathi. Lokho sizokwenza ezinyangeni ezimbalwa ezizayo, "kusho uMakaab.
Nakuba iChiefs ingafuni ukukhuluma eyezinkontileka zabadlali kodwa kulindeleke ukuthi ikhulule inqwaba yabadlali ikakhulu labo abasizwa ngendaba isikimu.