ISITOBHA se-Orlando Pirates, uMbekezeli Mbokazi, ngomunye wabadlali abasebancane abafakwe eqenjini leBafana Bafana elizodlala eyobungani ngenyanga ezayo
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uqoke isikwati sabadlali abangu-41 esizodlala imidlalo emibili yobungani ekhaya ngenyanga ezayo.
Iqembu likaBroos lizotholana phezulu neTanzania kanye nelinye izwe elizoqinisekiswa yiSafa ezinsukwini ezizayo.
Umdlalo wokuqala neTanzania uzodlalelwa ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoJuni 6.
Iqembu lizohlanganela eGoli, ngoJuni 1, bese lilibangisa ePolokwane, ngalo lolo suku.
Abadlali beMamelodi Sundowns abakhethwanga njengoba bezobe bebambe iqhaza kwiFifa Club World Cup ezodlalelwa e-United States kusukela ngoJuni 15 kuya kuJulayi 13.
UBroos ubize abadlali abasha abangu-12 abenze kahle emaqenjini abo ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Ngaphandle kwenqaba ayithathe kwi-Orlando Pirates eseke yaba seqenjini lesizwe phambilini, uphinde waqoka nabathathu abasebancane, uMbekezeli Mbokazi, Simphiwe Selepe noMohau Nkota, abafike bazwakala eqenjini leZimnyama elikhulu.
UMbokazi uke wayibamba eqenjini lesizwe lika-Under-20 kodwa ubengekho ngesikhathi linqoba i-Africa Cup of Nations ngenxa yokuthi iPirates ibimdinga. Ngesikhathi uqala lo mqhudelwano ezikaMagebhula zazisasembangweni weCaf Champions League, iBetway Premiership neNedbank Cup.
Abanye abasha uRenaldo Leaner noVuyo Letlapa beSekhukhune United, uPuso Dithejane noKamogelo Sebelebele beTS Galaxy, uDarren Johnson weChippa United, uFezile Gcaba weRichards Bay FC, uGape Moralo weSuperSport United, uMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs noShandre Campbell odlalela iqembu laseBelgium, iClub Brugge.
IBafana Bafana izobe imatasa ezinyangeni ezizayo njengoba izobamba iqhaza kwiCosafa Cup eBloemfontein ngoJuni, idlale kwi-African Nations Championship (Chan) ngo-Agasti, ibe nemidlalo emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoSepthemba no-Okthoba, bese isonga unyaka ngokudlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eseMorocco, ngoDisemba.
Related Topics: