BACHIPHIZE izinyembezi abadlali beBafana Bafana belandisa isizwe ngokwenzeke ngeSonto eledlule bebhekene neGhana, emdlalweni wokugcina wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
IBafana, ebidinga okungenani ukudlala ngokulingana ukuze izodlulela emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga amaqembu ayisihlanu azomela i-Afrika eQatar, ngonyaka ozayo, igcine ihlulwe ngo-1-0 wephenathi ekhalise abantu abaningi bakuleli.
Le phenathi yabekwa wunompempe, uMaguette Ndiaye, waseSenegal ngoba esola isitobha seBafana, uReshine De Reuck ngokudlalisa kabi umdlali waseGhana ebhokisini.
Inhlangano eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa) ifake isikhalo kwiFifa ifuna ukuthi umdlalo uphindwe ngoba ikholwa wukuthi unompempe uyibambe ngophondo iBafana.
ISafa icele u-Ace Ncobo owayengunompempe weFifa ukuthi ayihlaziyele zonke izinqumo zikanompempe kulo mdlalo. Izolo iSafa ibize isithangami nabezindaba ebesihanjelwe nangabadlali beBafana ukaputeni uRonwen Williams, Ethan Brooks, Tebogo Mokoena noDe Reuck.
UWilliams uveze ukuthi unompempe wamesabisa ungakaqali umdlalo.
"Ngesikhathi unompempe efika kimina ngaphambi komdlalo ethi uzongibhalela ukumosha isikhathi, ngizibone kuphunywa nami iqhubu. Emqondweni wami kade sekunokuthi ungibhekile. Kuyona yonke imidlalo yokuhlunga, abafana abalanda amabhola kade bengawaphathi kodwa kade ebekwa emakhoneni.
“Kodwa kulo mdlalo kade bewaphethe ngezandla okuyinto engasaziwa kule midlalo. Uma ibhola liphuma kade beliphosa ngokushesha. Kodwa emuva kokungena kwegoli, abafana bavele banyamalala. Besekuthatha isikhathi ukuthi ibhola libuye.
“Ngimtshelile unompempe ukuthi amanye amabhola awagcwele kahle umoya kodwa ubengafuni ukuzwa lutho, kunalokho wathi uzongibhalela ukumosha isikhathi. Kubuhlungu kithina ukuqeda ngale ndlela kodwa siyakholwa ukuthi izinto zizolungiswa, sithole ithuba ngobulungiswa," kusho uWilliams.
UBrooks ongomunye wabadlali abasebancane kwiBafana, uhlulekile ukubamba izinyembezi, uthe: "Njengomunye wabadlali abancane enkundleni, bengililwela ibhola. Kodwa njalo uma kwenzeka lokho unompempe ubeziba. Kubuhlungu ukuphuma ngale ndlela kodwa sizofunda kukhona."
Usho lokhu wangabe esaqhubeka nokhuluma, wasuka etafuleni esekhala, nalapho eduduzwe wumqeqeshi uHugo Broos nozakwabo.
UMokoena ugajwe wumunyu wathi ubekade ebheke ukudlala koweNdebe yoMhlaba neBafana kwazise useyidlalile eka-U/20 nakuma-Olympics.
UBroos uthe yize ngokukwayelekile udinwa ngezinqumo kodwa ubuye ukwedlulise uma usubohlile kodwa naye okwenzeke eGhana kumshiye enganeme.
"Abadlali kade begxilise imiqondo yabo emdlalweni. Konke bekuhamba kahle. Emuva kwemizuzu engu-15, ngibuyele ebhentshini ngakhuluma namaphini ami womabili (uCedomir Janevski noHelman Mkhalele) ngawatshela ukuthi "khohlwani, khohlwani!" iGhana izowuwina lo mdlalo.
“Njengoba ngingumqeqeshi ikhona imidlalo engangicabanga ukuthi unompempe uyasicindezela. Lokho kwenziwa wukudinwa novalo. Kodwa emuva komdlalo sengingedwa ngibone ukuthi unompempe udlalise kahle. Mhlawumbe akabonanga.
"Kodwa emuva kwalo mdlalo, kugxilile kimina ukuthi unompempe ubesicindezela nokuthi besingeke siwine. Lokhu kuyacasula. Emuva komdlalo ngibone ukucasuka nentukuthelo kubadlali. Ngibone konke. Ngicabanga ukuthi bekufanele lokho. Ngakho nginethemba lokuthi isikhalo sizokwamukelwa ukuze umdlalo uzoqala phansi ngoba kusifanele lokho,“ kusho uBroos.
UAce Ncobo owayengunompempe ohlonishwayo emhlabeni, uchaze ngombiko wakhe, wakugcizelela ukuthi isikhalo seSafa asigxilile kwiphenathi kuphela kodwa sibheke kuzona zonke izinqumo ezathathwa ngunompempe emdlalweni. Uthe uyakholwa wukuthi unompempe waba nokwenzelela. Udaba olugcwele lukaNcobo echaza ngombiko wakhe lutholakala ku-www.isolezwe.co.za