KUBONAKALA zivela izimpawu zengcindezi yokunganqobi kuBenni McCarthy ongumqeqeshi waMaZulu FC asenkingeni yokuphikwa yimiphumela selokhu kuqale isizini ka-2021/2022.
Nakuba izimpawu zokunengeka kulo mqeqeshi ziqale ukubonakala ngeledlule, beshaywa yiBig Bullets kodwa zigqame kakhulu bebambana ngo-0-0 neSuperSport United koweDStv Premiership, eJonsson Kings Park Stadium, eThekwini.
Lo mdlalo bewudle ngoqina thambo.
Umdlali waMaZulu, uTercious Malepe, ukhishwe ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uJamie Webber we-United.
Abanye boSuthu abathole amakhadi aphuzi, uTapelo Xoki noKgotsho Moleko.
Nakwizivakashi, uLuke Fleurs, uphume ngelibomvu ngenxa yokudlalisa kabi uSiyethemba Sithebe. UThatoyaone Ditlhokwe unikwe eliphuzi.
Esiwombeni sesibili udinwe wathelwa ngamanzi uMcCarthy ngesikhathi kudlaliswa kabi abadlali bakhe benikwa namakhadi.
Uzwakale ephendulana kabi nomqeqeshi weSuperSport, uKaitano Tembo nonondweba, uThando Ndzandzeka. I-match commissioner nonozinti wesine nabo kabasalanga kulabo abazitohle bebhekene nolaka lukaMcCarthy.
“Sisadlala kwiSeven Stars ngakuhlonipha kwanela. Kwale nhlonipho encane ebisele iphelile kwayona,” amanye amazwi azwakale kwithelevishini bukhoma, ephinyiswa uMcCarthy.
Ujuluke wamanzi uMoeneeb Josephs ongumqeqeshi wonozinti oSuthwini evimba uMcCarthy obefuna ukuzifikela qathatha kwabephendulana nabo.
Ngemuva komdlalo, uMcCarthy ukhwele wadilika kunondweba.
"Ukuba uqina thambo kwalo mdlalo kwenze unompempe wahluleka ingcaca ukuwulawula. Zonke izinqumo zakhe bezivuna iqembu elilodwa. UTercious udlale kahle, akazange amthinte umdlali weSuperSport (uWebber). Kuyacaca ukuthi ilona bhola esifuna ukulidlala kuleli. Onondweba bakhipha abadlali ngamakhadi abomvu ngoba bekhohliswa yizitha ezivele zitshuze, zizigingqe, kube engathi ziphuke umlenze ekubeni zingazange zithintwe. Kwenzeka lokhu nje, i-fourth official ibone konke, beyilokhu ixhumana nonondweba.
"Ngiyabancoma abadlali bami ngokuzimisela ngesikhathi kuseyithi kuphela ebesinabadlali abayishumi. Bavimbe iSuperSport yangakwazi nokwakha ithuba elilodwa lokushaya igoli. Nokho ukukhishwa kukaTarcious ngekhadi kusenzele izinto zanzima. Kusiphoqe ukwenza izinguquko ebesingazihlelanga,“ kusho uMcCarthy.
OweSuperSport bekuwumdlalo wesihlanu AmaZulu ehluleka ukunqoba.
Kwi-qaurterfinal yeMTN8 ashaywa iCape Town City, koweligi adliwa iSundowns bese edlala ngokulingana neSwallows.
Kobewandulela oweSuperSport, adliwelwe ekhaya, eMoses Mabhida Stadium, yiNyasa Big Bullets yaseMalawi emlenzeni wokuqala wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eCaf Champions League.
Kulesi sibalo asashaye igoli elilodwa. Lavalelwa phakathi uLehlohonolo Majoro bedliwa amaCitizens kwiMTN8.
NgoMgqibelo uSuthu luzobhekana neBullets emlenzeni wesibili okumele lunqobe noma ikanjani. Uqala u-4 ntambama.