Ezemidlalo Ibhola

Ithuba ‘lokuzincengela’ kwabeqiwa yijezi kwiChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

USAMKELO Zwane elaziwayo ikhono lakhe kodwa odlalele iKaizer Chiefs amahlandla angu-11 kweyeligi ngesizini edlule. Kubhekiwe ukuthi uzongena yini endizeni ebheke eNetherlands

Image: Isithombe: BACKPAGEPIX

UKUQALA kwesonto kufana nokuqala kwenhlolokhono kubadlali abathile beKaizer Chiefs okunezinkomba zokuthi kabekho enhliziyweni yomqeqeshi uNasreddine Nabi obukeka ezoqhubeka nokupheka leli qembu laseNaturena yize kusabalale imibiko emkhomba endleleni afika ngayo ngasekupheleni kwesizini edlule.

Amakhosi abuyele emsebenzini ngesonto eledlule lapho bekuzohlolwa khona abadlali ngaphambi kokuqala kwamalungiselelo okubhekisa amabombo phesheya kwezilwandle.

IChiefs izokulungiselela eNetherlands ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership kusukela kungoJulayi 3 kuya ku-19 ngenhloso yokubumba iqembu kwazise iqede ngaphandle kweTop 8.

“Sinesibopho sokukhokha ubuncane besikhathi esisichithe nemindeni ngokubajabulisa ngokushaya into ecokeme ngesizini ezayo,” kusho uKaizer Motaung Jnr, kwi-video ephanyekwe yithimba labezindaba leChiefs ezinkundleni zokuxhumana ngosuku ababuyele ngalo emsebenzini.

Yize kusobala ukuthi okuningi akuzange kuhlangane ngesizini yokuqala kaNabi kodwa uphumelele ukuqeda ibhadi lezinkomishi leminyaka ngesikhathi efaka Amakhosi kwiCaf Confederation Cup.

Ngaphambi kokufulathela leli kunedlanzana labadlali okufana nokuthi lizobe lihlolwa ikhono ngenhloso yokuthatha iso likaNabi osevele uqalile ukudiliza kuMakhosi.

Kufanele ukuba balala bengalele oSamkelo Zwane, Mdu Mdantsane, Bongani Sam, Teboho Potsane, Tashreeq Morris noGeorge Matlou bonke okunongabazane ngokuqhubeka kwabo kwiChiefs ngokwahlukana.

UNabi usevele uqalile ukuvula izikhala zezinduku ezintsha. IChiefs isikuqinisekisile ukuthi uma kuphela inyanga iyahlukana noRanga Chivaviro, Sabelo Radebe, Edmilson Dove noNjabulo Blom obuyele eqenjini lakhe lase-United States of America (USA).

Unozinti waseBurundi, uFiacre Ntwari osenenkontileka neChiefs, akucaci ngaye kwazise uNabi uhlala ekuveza ukuthi kubadlali abathungathayo kukhona nonozinti.

Omunye umdlali ongeyena umnsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika okunamahlebezi okuthi angase abolekiswe eqenjini langakubo eVenezuela, u-Edson Castillo, elingangatshazwa ikhono lakhe kodwa uhlushwa wukulimala.

Nakuba iChiefs ingakamemezeli kodwa uPaseka Mako noThabiso Monyane abasanda kudedelwa yi-Orlando Pirates no-Aphiwe Baliti weSuperSport United babalwa kubadlali abazongena endizeni ebheke eNetherlands neChiefs kanjalo noKabelo Nkgwesa obeseqenjini layo leDStv Diski Challenge (DDC).

Impelasonto isongwe sekubalwa no-Asanele Velebayi obekwiCape Town Spurs no-Etiosa Ighodaro odedelwe AmaZulu FC kumahemuhemu ngabazohamba neChiefs kulolu hambo.

Njengoba kwaqala i-FC Utrecht edlala kwi-Eredivisie yaseNetherlands ukuqinisekisa ukuthi izobhekana neChiefs ngoJulayi 11, neNEC Nijmegen seyenze okufanayo ngomdlalo ozokuba ngoJulayi 12.