Ezemidlalo Ibhola

Ithuba lokuwina ‘umacekeceke’ wemoto koweChiefs eThekwini

Mthokozisi Mncuseni|Published

ABATHANDI bakanobhutshuzwayo bagqugquzelwe ngethuba lokuwina iToyota Starlet ngesikhathi sekhefu somdlalo weToyota Cup weKaizer Chiefs ne-Asante Kotoko yaseGhana ngenyanga ezayo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini

Image: BACKPAGEPIX

KUNXENXWA abalandeli beKaizer Chiefs ukuba bangazithambisi ngokuzibeka ethubeni lokuwina imoto entsha ngesikhathi sekhefu emdlalweni weToyota Cup waMakhosi ne-Asante Kotoko SC yaseGhana ngoJulayi 26 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IToyota Cup eqale ngesizini edlule eFree State Stadium kuvakashe iYoung Africans SC yaseTanzania, kulokhu izodlalwa yiChiefs nezinkunzi zaseGhana ezinomlando wokudla iCaf Champions League amahlandla amabili.

Ngesikhathi kwethulwa iToyota Cup ngoLwesine emini ekomkhulu leChiefs eNaturena, kumenyezelwe nethuba labalandeli lokuwina iToyota Starlet ngesikhathi sekhefu salo mdlalo.

Akungatshazwa ukuthi azothengwa ubuthaphuthaphu amathikithi alo mdlalo okuyilapho futhi umqhudelwano wokuwina imoto oncike khona.

Ukuze bazibeke ethubeni, abalandeli asebethenge amathikithi aqala ukudayisa ngoLwesine (namuhla) ngo-R80 kwaShoprite nakwaCheckers, kumele bathumele i-SMS (48952) ehlanganisa igama, isibongo nenombolo ye-barcode yethikithi bese belandela imiyalelo.

“Sizizwa sihloniphekile ukwamukela abangani bethu iKotoko eNingizimu Afrika,” kusho uJessica Motaung ongesinye sezikhulu zeChiefs esitatimendeni esikhishwe yileli qembu.

“Izindlela zethu neKotoko ziyafana, ngakho-ke sibone kuyithuba elikahle lokuvuselela ubungani phakathi kwalezi zinkunzi zase-Afrika.

“Akuzange kubenzima ukuqoka iMabhida njengenkundla kwazise izinhanhla zethu zisephezulu (khona). INedbank Cup ebesiqeda ngayo indlala yeminyaka siyiqukulele khona."

Usihlalo weKotoko, u-Edmund Awuah Asafu-Adjaye uthe:"Sizizwa sihloniphekile ngokuba yingxenye yale migubho yobumbano lwabantu base-Afrika."

IChiefs izodlala lo mdlalo isibuya ekhempini eNetherlands lapho izodlala khona imidlalo yobungani namaqembu ayisihlanu. OweToyota Cup uzoba ngomunye wemidlalo yokugcina yeChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.