ZAKHELE XABA
Stellenbosch FC (0) 0
Maritzburg United (0) 1
IMARITZBURG United ixegise uvalo kubathandi bebhola KwaZulu-Natal (KZN) lokuthi ingagawulwa yizembe ihlula iStellenbosch emdlalweni weDStv Premiership eDanie Craven Stadium, eKapa, izolo ntambama.
Igoli leTeam of Choice lishaywe nguThabiso Kutumela kuyiphenathi umdlalo usuyophela.
Ukuwina kweMaritzburg kufanele kunyuse ithemba ngokuthi alikho iqembu laseKZN elizoya ehlathini uma sekusongwa isizini ka-2020/2021. ILamontville Golden Arrows naMaZulu babanga isicoco sePremiership le phezulu.
IMaritzburg ibidinga amaphuzu amathathu ukuqhubeka nokuzixebula emshungwini wamaqembu alengelwa yizembe ngasemsileni we-log. Ingene enkundleni ihlukaniswe ngamaphuzu ayisikhombisa kuphela neBlack Leopards esivele isobishini emsileni we-log yePremiership. KwiStellies idlale neqembu ebelikade selidlale imidlalo eyisishiyagalombili ekhaya lingawini.
Esiwombeni sokuqala, iMaritzburg iyona eqale ngesivuvu ifuna igoli zibekwa. Nokho kuthe ingafudumala iStellies, zaqala izinkinga kwiTeam of Choice. Ijubane labadlali baphambili beStellenbosch belibajulukisa abadlali basemuva beMaritzburg. Ithuba lokuqala liwele uJayden Adams ngomzuzu ka-26 kodwa ibhola lakhe laphuma eceleni kwepali. Kube yithuba lika-Ashley Du Preez ngoka-36 emuva kwephutha likaClayton Daniels obezama ukuphasela unozinti ngekhanda kodwa washumpuza. Sekuzoyiwa ekhefini unozinti weTeam of Choice uMarcel Engelhardt, utakule ezakhe evimba ngezinyawo ibhola likaDu Preez esebhekene naye.
Esiwombeni sesibili, iTeam of Choice ibuye isiyixazululile inkinga yejubane leStellies. Udonga lwasemuva belungasakhuphuki kakhulu. Kunalokho iyona ebikade isifaka ingcindezi, isilawula nomdlalo. Kodwa ibihluleka ukwakha amathuba asobala okushaya amagoli. Ama-free-kick iMaritzburg ewathole ngaphandle kwebhokisi uThabiso Kutumela uhlulekile ukuwasebenzisa. Ngomzuzu wokugcina iMaritzburg ithole iphenathi emuva kokuthi uMendieta ebambe ngesandla ibhola ebhokisini, uKutumela wayibeka phakathi.