UKHONJWA kwiSwallows FC, uGavin Hunt osanda kumiswa iChippa United ngenxa yokuphikwa imiphumela.
Isolezwe lihoshe ukuthi abaphathi beZinyoni baphansi phezulu, bazingela uHunt ukuze azothatha izintambo kuBrandon Truter naye ophikwa yimiphumela kuleli qembu laseDube.
Ngokusho komthombo, uHunt useqomile, sekushoda ukuthi kuvunyelwane ngezinto ezimbalwa.
Uqhube wathi empeleni kufanele ukube kade ahamba uBrandon Truter, izikhulu zeSwallows bezingamxoshi ngoba emasontweni edlule zihlulekile ukuthola abaqeqeshi ebezikhulumisana nabo.
"Ngingasho ukuthi uHunt usefana nomqeqeshi weSwallows, kushoda ukuthi kuvunyelwane ngezinto ezimbalwa. Makhulu amathuba okuthi kuhlale yena ebhentshini uma iSwallows seyibhekene neChiefs ngeSonto. Ngesikhathi iChippa imisa uHunt emasontweni edlule, iSwallows ayipholisanga maseko, iqale izingxoxo naye.
Izikhulu zeZinyoni sekufike lapho zikhathala khona ngoTruter. Ziziseka ngokuthi ukuqhubeka nokumnika ithuba kuzolishaya iqembu," kubeka umthombo.
Ngaphandle kokuthi iSwallows iphinde yathola isibhaxu kwiTS Galaxy ngempelasonto edlule, Isolezwe lithole ukuthi uTruter uphinde wagilwa abalandeli beSwallows abebebhikisa ngaphambi nangemuva kwalo mdlalo.
Kuthiwa abalandeli bebephethe izingqwembe ebezibhalwe ukuthi uTruter akahambe.
ISwallows obekuyisizini yayo yokuqala lena edlule ibuyele esigabeni esikhulu, ibambe indawo yesibili ukusuka emsileni kwi-log yeDStv Premiership. Isaqoqe amaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni ewu-11.
Kuthintwa isikhulu esiphezulu kwiSwallows, uSipho Xulu, sithe siyayeshwama ekaHunt.
"UTruter usengumqeqeshi wethu. Iqembu lizokhipha isitatimende uma kukhona ushintsho olwenzekayo,“ kusho uXulu.
Mayelana nabalandeli abebebhikisha, uthe: "Sizamile ukukhuluma nalaba balandeli. Siyazi izinhliziyo zabo zibuhlungu, benza lokhu bephushwa uthando lweqembu. Zikhona izinqumo esizozithatha, sicela basethembe. Nathi singaphakathi kaseneme ngemiphumela esiyithola kwithimba labaqeqeshi nakubadlali. Le ndlu ngeke yakheke uma umndeni uhlukene phakathi.“
Bekuwumdlalo wesibili kulandelana iSwallows ishaywa.
Ngaphambi koweGalaxy zashaywa iSekhukhune.
Empeleni ngeledlule bekungoweshumi zihluleka ukuqoqa amaphuzu amathathu.
Zanqoba owokuqala weligi, zishaya iRoyal AM ngo-1-0.
Ngesikhathi uTruter enikwe ikhefu, izintambo zabanjiswa iphini, uSimo Dladla kodwa kwaqhubeka kwabheda.
ISwallows yabe seyiphoqeleka ukubuyisa uTruter.
Kukhulunywa eyokushintshwa kwabaqeqeshi nje, ngesizini edlule izinto beziwubuthebelele kwiSwallows njengoba ifike kwezwakala. Ishise kakhulu kumzuliswano wokuqala, yaze yabalwa namaqembu amathathu aphezulu. Izinto ziqale ukubhimba kumzuliswano wesibili wesizini edlule, zdlalai inqwaba yemidlalo ngokulingana.