ISWALLOWS ilahle ithuba lokuncika kwiMamelodi Sundowns kwi-log ibanjwa ngo1-1 yiCape Town City koweDStv Premiership, eCape Town Stadium izolo ntambama.
ISwallows ibihamba phambili ngegoli likaKgaogelo Sekgota, kwathi uMduduzi Mdatshane washayela iCity elokulinganisa. Womabili amagoli angene esiwombeni sokuqala.
ISwallows isidlale ngokulingana emdlalweni emihlanu ilandelana. Ukuphuma nephuzu izolo kuyilahlekisele ngethuba lokuvala igebe phakathi kwayo neSundowns, esesicongweni ngamaphuzu awu-36. Amaphuzu amathathu abezoyenza ilingane neSuperSport esendaweni yesibili ngawu-32. Ngasohlangothini lweCity, ibikade ibheke ukubuyisa isithunzi sayo ekhaya kwazise ihlulwe kuyona yomibili imidlalo yakamuva ekuhambeni iqunjwa phansi yi-Orlando Pirates neSuperSport United ngokulandelana. Ngaleli phuzu elitholile nayo ayizange igudluke endaweni yawo njengoba ibambe eyesikhombisa kwi-log.
Emdlalweni wayizolo iSwallows ifake ingcindezi zibekwa kodwa iCity yaphumelela ukuyivimba. Emuva kwemizuzu embalwa iCity ikhombisile ukuthi idlalela ekhaya, yawuphatha umdlalo kodwa ihluleka uma ifike phambili.
Ngemuva kokuthi uSekgota ebeke phambili iSwallows, kugcine kuyilungele iCity ngesikhathi unompempe uVictor Gomes ebeka iphenathi emuva kokuthi uNjabulo Ngcobo edlalise kabi uThabo Nodada ebhokisini. UMdantsane akazange aphazame wayibeka phakathi.
Esiwombeni sesibili, iCity ibuye yaqhubeka nokufaka ingcindezi ifuna igoli lesibili kodwa yehluleka ukugqobhoza udonga lwasemuva lweSwallows.
ISwallows iqede umdlalo ingasaphelele ngemva kokuthi uJunaid Sait, ethole ikhadi elibomvu ngokudlalisa kabi uSurprise Ralani. Kulesi sixakaxaka, abeSwallows bephikisana nesinqumo sikanompempe uVictor Gomes, elinye ikhadi elibomvu linikezwe iphini lomqeqeshi uThabane Makhura.
Imiphumela yeDStv Premiership yangempelasonto:
Baroka 2-1 Black Leopards; Chippa United 1-1 TS Galaxy; Kaizer Chiefs 1-1 SuperSport United; CapeTown City 1-1 Swallows; Tshakhuma 1-0 Stellenbosch.
Imiphumela yeGladAfrica Championship yangempelasonto:
Steenburg United 0-1 Pretoria Callies; Sekhukhune 1-1 TS Sporting; JDR Stars 0-0 Royal AM; University of Pretoria 2-0 Cape Town Spurs; Free State Stars 2-1 Bizana Pondo Chiefs; Richards Bay 2-1 Uthongathi FC; Polokwane City 2-0 Jomo Cosmos.
I-LOG YE-DSTV PREMIERSHIP
Amaqembu P W D L F A Pts
Sundowns 16 10 6 0 26 7 36
SuperSport17953271732
Swallows16790191030
Arrows15771231428
Pirates17773191428
AmaZulu17674231925
CPT City 17665282624
Baroka17557192520
Chiefs17476172019
Celtic16466182018
TS Galaxy15375151616
Chippa16367162015
Stellenbosch16367162115
Tshakhuma1636792015
Maritzburg15231011229
Leopards15231011269