XOLILE MPISANE
UKAPUTENI weSuperSport United, uRonwen Williams, uthi bazimisele ngokuthi bavuke bazithathe uma sebebhekene neMamelodi Sundowns koweDStv Premiership kusasa kulandela ukudliwa kwabo yiMarumo Gallants ngempelasonto.
Amatsatsantsa a Pitori, asemaqenjini ayiqale kahle isizini kwiligi, asale ebambe ongezansi ngesikhathi eguqiswa yiGallants ngo 2-1 eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo.
Leli qembu laseLimpopo beliqala ukunqoba umdlalo weligi selokhu iqalile le sizini.
UWilliams uvumile ukuthi bazigwaze ngowabo ngokushaya udaka kulo mdlalo kodwa bazimisele ukuthi bawalungise amaphutha.
“Kusobala ukuthi sidumele ngomphumela esiwuthole emdlalweni wethu wokugcina, ikakhulukazi njengoba sishayelwe ekhaya,” kusho uWilliams.
“Siphoxekile ngomphumela nangakho konke esikwenze kulowa mdlalo.
“Asizange sizimisele ngendlela esijwayele ukuzimisela ngayo. Asidlalanga ngokuzikhandla, futhi isibhaxu esisitholile besisifanele.
“Sinezinto eziningi okufanele sizilungise. Sesikhulumile ngazo futhi sizosebenza kanzima. Siwuhlaziyile umdlalo, siyazi ukuthi asenzanga okwanele ukuze sinqobe noma sibuye nephuzu.
“Kufanele sisheshe siwalungise amaphutha ngoba uma singakwenzi lokho sizofa yinduku emdlalweni olandelayo.”
UWilliams uthe bayakuthokozela ukuthi ngeke balinde isikhathi esiningi ngaphambi kokuthi babuyele enkundleni yize noma bezolandelisa ngomdlalo onzima.
EzikaKaitano Tembo zizotholana phezulu neSundowns kowomkhaya ozoba seLoftus Versfeld kusasa ntambama ngo-5:30.
AmaSandawana abuye nephuzu ngemepelasonto ngesikhathi ebanjwa yiCape Town City ngo 0-0.
“Kufanele silulame kahle, sizinakekele uma kukhona lapho sithinteke khona futhi sijabulele leli thuba lokudlala umdlalo oyigugu kithina.
“Sizobhekana neSundowns engompetha futhi isenza kahle kule sizini. Abakangenelwa magoli, okukhombisa ukuthi lokho abakwenza uma bezilolonga kuyabasebenzela.
“Noma kunjalo, sizofike silwe enkundleni. Sinezifiso zethu kanye nezinhloso zethu. Sizenzele phansi ngomphumela wethu owedlule.
“Sifuna ukulungisa amaphutha ethu futhi sizibonakalise ukuthi sisayiqembu elizimisele. Siyabahlonipha impela kodwa sizolwa. Ngeke sibenzele umsebenzi wabo ube lula.
“Nathi siyawadinga amaphuzu okuvala igebe njengoba beqhwakele kwi-log. Siyethemba ukuthi sizodlala kangcono kakhulu kunalokhu esikwenze emdlalweni odlule,” kuphetha uWilliams.
Lawa maqembu aseTshwane agcina ukubhekana koweligi ngoMeyi, lapho kwanqoba khona iSundowns ngo 3-1.
Imidlalo yakusasa yeDStv Premiership:
Ngo-5pm: Marumo Gallants v Maritzburg United (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-5.30pm: Kaizer Chiefs v AmaZulu (FNB Stadium); Mamelodi Sundowns v SuperSport United (Loftus Versfeld); Stellenbosch v Orlando Pirates (Danie Craven).