IMAMELODI Sundowns iyalele umdlali wayo uGaston Sirino ukuthi akhohlwe yindaba yokufuna ukuhamba kodwa agxile ekulweleni ijezi kuleli qembu.
Izolo, iSundowns imemezele ukuthi isizinqamulile izingxoxo phakathi kwayo ne-Al Ahly yase-Egypt mayelana nokudayiselana uSirino ngoba leli qembu lifuna “ukumcosha phansi” lo mdlali.
Sekunesikhathi eside iSundowns ne-Ahly benyusana behlisana ngemali okufanele kuthengwe ngayo uSirino ophumele obala emasontweni adlule ukuthi usefuna ukufulathela iChloorkop. Selokhu kuqale isizini ka-2020/2021, uSirino akakaze asinuke isikimu emidlalweni yeligi.
"IMamelodi Sundowns imemezele ukuthi isizinqamulile izingxoxo phakathi kwayo ne-Al Ahly njengoba amaqembu womabili eqhelelene kakhulu ngemali okufanele akhokhelane yona ngokudayiselana uGaston Sirino. Ubudlelwano obuhle phakathi kukamengameli we-Al Ahly uMahmoud El Khatib noweMamelodi Sundowns uPatrice Motsepe buzoqhubeka kanjalo nobuphakathi kweMamelodi Sundowns ne-Al Ahly kodwa asikho isidingo sokuqhubeka nokuxoxa ngoGaston Sirino.
“IMamelodi Sundowns izoqhubeka nokudedela abadlali emazweni ase-Europe, Africa nakwabanye abadlala ibhola njengoba yenzile kuPercy Tau, Keegan Dolly, Bongani Zungu nakuSiaka Tiene wase-Ivory Coast kodwa imali kufanele ibonakale kwazise iSundowns ibathenga ngemali eshisiwe abadlali ebasayinisayo. UGaston Sirino manje sekufanele agxile ebholeni lakhe, abange ijezi kwiMamelodi Sundowns," kusho isitatimende.
Nakuba kungaveli ukuthi malini lena i-Al Ahly engafuni ukuyikhipha ngoSirino kodwa emasontweni adlule kuputshuke ukuthi iSundowns isifuna ngaphezulu kukaR50 million.
Ngempelasonto e-Egypt kuvele imibiko ethi i-Al Ahly ayizimisele ukuphosa ithawula ngodaba lukaSirino. I-website i-kingfit icaphune ophethe ezokusayinisa abadlali kwi-Ahly, u-Amir Tawfik, ethi bayaxoxa neSundowns.
"USirino sekunesikhathi efuneka lapha kwi-Al Ahly futhi kwabakhona ukuxhumana (neSundowns). Uma kukhona okwenzekayo iqembu lizokumemezela ngokusemthethweni. Siyakhuluma nezikhulu zeSundowns futhi uma kukhona okulungayo, sizoqala izingxoxo nomdlali," kusho uTawfik.
USirino wase-Uruguay, ujoyine iSundowns ngoJanuwari ka-2018. Ulandwe ngumqeqeshi uPitso Mosimane edlala eBolivia. Njengoba UMosimane esepheka i-Al Ahly uSirino ubefuna ukumlandela. Emasontweni adlule uMosimane ukuchithile ukuthi uyena odoba uSirino, wathi wayevele efuneka engakafiki yena.