IMAMELODI Sundowns iqhubekile nokuqoqa amaphuzu kwiDStv Premiership ithela phansi iTshakuma Tsha Madzivhandila (TTM) ngo 3-1 ngoLwesibili ePeter Mokaba Stadium.
Labo mpetha beligi kudingeke ukuthi bakhave kade belandela ngemuva njengoba ITTM kuyiyona ehambe phambili esiwombeni sokuqala.
Igoli elishaywe uRudolph Nevhulamba kufanele wukuthi linikeze iqembu lasekhaya ithemba lokuthi kukhona elingakuthola kulo mdlalo njengoba liwadinga njengemali amaphuzu ukuze libalekele ukugawulwa yizembe.
Nokho iSundowns okuyiyona ebelilokhu iwuphethe umdlalo iqhubekile nokwenza amathuba amagoli kodwa kungalungi.
Kuthe umdlalo usuzoshintsha lagcina lugqobhokile udonga lweTTM, uRivaldo Coetzee eshaya igoli lokulinganisa.
Ukuya ekhefini amaBrazilians eselitholile igoli, kubonakale kuwuphazamisa umoya wabadlali beTTM njengoba bekuyinkombankombane kubhekwe ezindlini zokushintshela, besolana bodwa ngokudedela uCoetzee ukuthi azingqofeke kalula ibhola ngekhanda engamakiwe ebhokisini.
Sekubuywa ekhefini iSundowns iqhubekile nokuphatha umdlalo nokugcine ngokuthi uSiphelele Mkhulise ashaye phakathi igoli lesibili.
ITshakhuma izamile ukungagebisi amakhanda, iya phambili kodwa ekugcineni kwangalunga.
Sekusele imizuzu eyishumi umdlalo uye ekupheleni uSibusiso Vilakazi, uvalele elesithathu ngemuva komsebenzi omuhle kaPeter Shalulile.
Ukunqoba kweSundowns kusho ukuthi kuze kube yimanje alikho iqembu kwiligi elisakwazi ukuyishaya emidlalweni ewu-19.
Isanethezekile esicongweni ngamaphuzu awu-43.
Ngasohlangothini lweTTM kwembulwa kwembeswa njengoba leli qembu libambe indawo yesibili ukusuka emsileni ngamaphuzu awu-20. Emsileni kuvale omkhaya bayo iBlack Leopards enamaphuzu awu-13 emidlalweni awu-21.