IMAMELODI Sundowns isibheke isivivinyo ezobhekana naso uma isiqala imidlalo yeCaf Champions League njengoba kubukeka ingakakabi nantanga kuleli selokhu kuqale imidlalo yeDStv Premiership.
Ngempelasonto amaBrazilians aqhubekile nokuvulela isibhaxu eshaya iSwallows FC ngo 3-0 eLoftus Versfeld. Amagoli kaPavol Safranko, Neo Maema noPeter Shalulile yiwona angcwabe iSwallows izinto ezivele zimapeketwano kuyona.
Lo mphumela usho ukuthi ayikashaywa emidlalweni eyisithupha yeligi, idlale kanye ngokulingana kanti ayikangenelwa yigoli. Lokhu kubeka labo mpetha beligi esicongweni se-log ngamaphuzu awu-16.
Uma sekubuywa ekhefini leFifa, iSundowns izoqala umbango namanye amaqembu ase-Afrika, kwiCaf Champions League. Izobhekana neManiema Union yaseCongo ngo-Okthoba 15.
URhulani Mokwena ongomunye wabaqeqeshi abathathu kwiDowns, utshele abezindaba ukuthi bahlalelwe umqansa wokuqhubeka nokubamba lo mgqigqo nasemidlalweni yeCaf.
UMokwena ubuzwe ukuthi kungenzeka yini ukuthi iChampions League iyona asebezozihlola ngayo ngoba kusobala ukuthi baziphuzela isobho emidlalweni yasekhaya.
“Okusimele manje ukuqinisekisa ukuthi isitimela asiphazamiseki kujantshi njengoba sesingena kwiChampions League.
“Ayikho indlela emfushane yokufika lapho sifuna ukufika khona ngakho-ke singena kulo mqhudelwano ngomqondo wokulambela ezinye izicoco siyiSundowns.
“Esizibekele kona kukhulu kakhulu ngakho-ke kuwumsebenzi wethu ukuzibamba ziqine ngaso sonke isikhathi futhi kungakhathalekile ukuthi yimuphi umqhudelwano esiwudlalayo ngaleso sikhathi,” kusho uMokwena.
Uveze ukuthi yena nethimba lakhe basebenza ngokuzikhandla ukugcina abadlali beqonda ukuthi umsebenzi uyaqhubeka.
“Kulo mdlalo weSwallows sikhombisile ukuthi umqondo wethu ukusiphi isimo ikakhulukazi esiwombeni sesibili.
“Indlela abebesazinikele ngayo abadlali ubungeke ukholwe ukuthi bahamba phambili. Sizoqhubeka nokudlala ngale ndlela nakwiChampions League.
“Ngisho noma ngabe yinini iSundowns iyohlale izimisele ngokwenza kangcono ngisho ngabe kuthiwa umdlalo wobungani. Sifuna ukunqoba yonke imidlalo esiyingxenye yayo futhi siyazi ukuthi ukuze sifinyelele lapho kufanele sisebenze kakhulu.
“Kuhle ngoba nabadlali bakhombisa ukusibamba isitayela nokulambela ukuletha injabulo kubalandeli beSundowns ngaso sonke isikhathi. Ngabe iligi noma iChampions League, isitha sethu esikhulu iMamelodi Sundowns.
“Uma singaqhubeka kanje silwe nokufeza amaphupho eSundowns, nakanjani sizosondela kakhulu kulokhu esifuna ukukuzuza kule sizini,” kusho uMokwena.