USIHLALO weMaritzburg United, uFarook Kadodia, ukhulule unozinti wezakhe uRichard Ofori ukuba axoxe ne-Orlando Pirates emfunisa okomsebenzi. Ngemuva kwezinyanga eziningi uKadodia ephika ukuthi lo nozinti waseGhana uyashiya kwezakhe, izolo ugcine evumile ukuthi iyavuthwa indlela ka-Ofori ebheke kweZimnyama.
UKadodia uveze lezi zindaba exoxa nezintatheli izolo eHarry Gwala Stadium, ngesikhathi leli qembu lethula abadlali abasha. Ngokusho kukaKadodia, nguyena onike izibususiso u-Ofori ukuba axoxe neZimnyama.
Leli phephandaba lashicilela umbiko ngeledlule lapho liveze khona ukuthi uKadodia uyibambe la iyincane ngakhona iPirates ngomdlali wayo uTebogo “Messi” Tlolane. UKadodia wabhala incwadi wayinikeza iBucs, eyitshela ukuba imnikeze uTlolane (obolekiswe kwiMaritzburg ngesizini edlile), khona izandla zizogezana naye akwazi ukuyinika u-Ofori.
“UTlolane uyabuya kwiMaritzburg, uzophinde abolekiswe kithina isizini yonke ka-2020/2021,” kusho uKadodia izolo.
Njengoba leli phephandaba lalibikile, kuhambe ngamagama enkehli, njengoba no-Ofori esexoxa neZimnyama.
“Simkhululile u-Ofori ukuba axoxe nePirates. Bazothi bangaqeda bese besazisa-ke ukuthi bagcina kuphi, siyobe sesikhipha isitatimende,” usho kanje uKadodia.
Abukeka emancane amathuba okuthi abuye u-Ofori kwiMaritzburg, kwazise yithuba elingcono ngokwemali, nangokweqembu ukudlalela iBucs. Umqeqeshi weTeam of Choice u-Eric Tinkler, umkhululile u-Ofori ukuba ajoyine iPirates.
“Ukube kuya ngami, bengizothi akahambe u-Ofori, ayodlalela iPirates. Yithuba elikhulu leli futhi alidinga kakhulu kodwa-ke konke kukuyena, mina anginayo nencane inkinga,” kusho uTinkler, obelokhu egcizelele njalo ukuthi okwamanje u-Ofori usengumdlali wabo.
Kungenzeka nokho ukube nayo iMaritzburg, bekuyiphoqa ukuthi imdedele lo nozinti. Usalelwe inkontileka yonyaka owodwa kuphela kuleli qembu, okusho ukuthi ngewindi elilandelayo, ubesengakwazi ukusayina inkontileka yesibambiso nanoma yiliphi iqembu alithandayo. Lelo qembu belizomthola mahhala.
Abadlali abasha be-United, abethulwe izolo, ngu-Ali Meza, Riyaaz Ismail, Phumlani Ntshangase (ongasabolekisile kodwa osengumdlali weMaritzburg ngokugcwele), Sibusiso Hlubi noTlolane.
UMeza ubengekho izolo ngesikhathi kwethulwa abadlali ngenxa yezinkinga abhekene nazo emndenini. UTinkler uthe akuphelile, usazosayinisa abadlali abane ngaphambi kokuvalwa kwewindi.