MTHOKOZISI MNCUSENI
INTANDOKAZI yabalandeli beKaizer Chiefs, uKeagan Dolly, ibaqinise idolo ngokulunga kwezinto eqenjini ngesikhathi imukela imiklomelo wayo weDStv Premiership Player of the Month ne-Goal of the Month ka-Okthoba noNovemba ka-2021.
UDolly uklonyeliswa nje, kwazise ushaye amagoli amahlanu wase akhela Amakhosi amanye amathathu kulezi zinyanga ezimbili aqokelwe zona.
Kumjabulise kakhulu lo mdlali ukuthi igoli lakhe alishaye bebhekene neChippa United liqokwe ngabalandeli njengelivelele kuzona lezi zinyanga ezimbili.
Ithimba labezindaba leChiefs liphanyeke i-video ekhasini leTwitter lapho iphini lomqeqeshi kuleli qembu, u-Arthur Zwane noKaizer Motaung Jnr oyiSporting Director bemukelisa uDolly izindondo zakhe kade iChiefs iqeda ukuziqeqesha ngoLwesibili.
“Ngaso sonke isikhathi uma sisebenza ngokuzikhandla sisuke senzela ukujabulisa abalandeli bethu ngakho-ke ukubabona beqhubeka nokuseseka ngisho izinto zingahambi kahle kuyakhuthaza futhi kuyajabulisa,” kusho uDolly kule video.
Lo mdlali ofike kwiChiefs ethwelwe ngeqoma esuka eFrance kodwa wangaqala ngendlela ebilindelekile, uveze ukuthi uluqonda kahle usizi olubhekene nabalandeli beqembu ngokwahlukana kwezizathu.
“Ngabe siqamba amanga (singabadlali), uma singathi asibazi ubunzima abalandeli bethu ababhekene nabo ngoba siyalwazi usizi ababhekene nalo.
“Siyacela ukuthi baqhubeke nokuseseka njengoba benza nje. Sibakhumbule kakhulu futhi sihlalele ethembeni lokuthi sizobabona enkundleni ngokushesha,” kusonga yena.
Ngaphandle kokuphikwa yimiphumela esiwombeni sokuqala sesizini, okugqame kukho ukuphindwa kabili yiRoyal AM ngembudlu yamagoli amahlanu kwelilodwa uma kuhlanganiswa zombili izigaba zesizini. IChiefs ihlaselwe i-Covid-19 ekhempini yayo kwaze kwaphoqeleka ukuthi yeqiwe imidlalo emibili (ekhaya neCape Town City nasekuhambeni neLamontville Golden Arrows).
Lolu daba lweChiefs lokuchithwa kwesicelo sokuthi kuhlehliswe imidlalo yayo obekufanele idlalwe ngoDisemba, selusezithebeni zophiko lomthetho lwePremier Soccer League (PSL) ngokusho kukasihlalo wayo u-Irvin Khoza.
Emidlalweni engu-16 uDolly aseyidlalele iChiefs, useyishayele amagoli ayisithupha wase eyakhela amanye amane.
Okucacayo ukuthi njengoba elokhu eya ngokuya eba qatha (osekumbuyisele nakwiBafana Bafana), ukudlala kwakhe ngokuhlangana noKhama Billiat kuzothelela iChiefs izithelo eziningi ngesiwombe sesibili seDStv Premiership ka-2021/2022.