AKANGABAZI ukuthi izikhathi zenjabulo zisendleleni kubalandeli beKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, kulandela isinqumo athi sinobuhlakani obuyisimanga esithathwe wusihlalo uKaizer Motaung ngokubuyisa uStuart Baxter.
IChiefs imemezele uBaxter njengomqeqeshi wayo omusha ozongena esikhaleni zikaGavin Hunt oxoshwe sekusele imidlalo emibili ukuthi kuphele isizini yeDStv Premiership.
U-Baxter osebuya okwesibili kwiChiefs (asebenze kuyona ngo-2012 kuya ku-2015), unikwe inkontileka yeminyaka emibili enophawini wokuthi ilulwe ngeminye imimyaka emibili uma kuvunyelwana.
Eminyakeni yakhe emithathu ekwiChiefs, uBaxter udle izicoco zeligi ezimbili ngo-2012/2013 nango-2014/2015 ngokwahlukana.
Udle iNedbank Cup, wanqoba i-MTN 8 ngokwehlukana kwamasizini.
UNtseki naye osanda kuqashwa njengosomaqhinga obheke nezinkulisa kwiChiefs, umazi kahle uBaxter njengoba basebenze ndawonye eyiphini lalo mqeqeshi kwiBafana Bafana.
Engxoxweni ayiqophe neChiefs uthe: “Ngeke azisole usihlalo ngalesi sinqumo ngoba ulande ungqondongqondo wokuwina izinto. Ulande uqweqwe lo mqeqeshi olungalali lucabanga ngokwenza iqembu libe ngcono.
“Injabulo igcine ukuba khona kuMakhosi ngesikhathi sikaBaxter ngakho-ke akadingi ukuchazwa kangako umqeqeshi wethu omusha.
“Abaqeqeshi azosebenza nabo kade bevele bekhona eqenjini okuyinto emnandi. Mina ngisebenze naye eqenjini lesizwe, unakho konke okudinga kumqeqeshi.
“Unesipiliyoni futhi irekhodi lakhe liyazikhulumela lilodwa. Ngesikhathi efika okokuqala kwiChiefs bekunendlala yezindebe, nakulokhu-ke sibheke okufanayo ngoba abalandeli bayakudinga ukujatshuliswa.
“Uma ngixoxa naye ukhombisa izimpawu zokujabula ngokubuya ekhaya kodwa futhi uyaqonda ukuthi okuningi sekushintshile kusukela eshiyile. Iligi isikhulile kanjalo namaqembu aseyafana. Uyakuqonda lokhu futhi uyakuhlonipha.
“Okwethu ukuhlala phansi sidwebe ngobuchule indlela esizobuyisa ngayo izikhathi zenjabulo eNaturena ngoba sesiside isikhathi,” kusho uNtseki sakubalisa.
Umdlalo owandulela owamanqamu weCaf Champions League neWydad AC ngoJuni 19 ekuhambeni, uNtseki iwona awubona uzocacisa okuningi.
“Umelwe umqansa ngoba le midlalo emibili (ekuhambeni nasekhaya) imqoka kakhulu kubona bonke abathintekayo kusukela kubaphathi kuya kubalandeli beChiefs. Kubalulekile ukuthi senze kahle kule midlalo yomibili ngoba sinethuba lomlando wokufaka iqembu kowamanqamu. Kwazi bani, mhlawumbe sibuye negolide, sililethe kubalandeli bethu,” kuqhuba yena.