XOLILE MPISANE
ISENEGAL neMorocco yiwona kuphela amaqembu adlulele esigabeni sokugcina semidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022 kwizwekazi lase-Afrika ngemuva kwemidlalo yangoLwesibili.
AmaBhubesi aseTeranga abhaxabule iNamibia ngo 3-1 azibeka esicongweni kuGroup H ngamaphuzu awu-12 emidlalweni emine. ITogo neNamibia ngeke besakwazi ukudlula ezika-Aliou Cisse njengoba bebambene ngamaphuzu amane sekusele imidlalo emibili.
UCisse uthe kumjabulise kakhulu ukudlulela esigabeni somkhumulajezi kusasele imidlalo emibili kodwa bahlele ukuyisebenzisa ukulungiselela i-Africa Cup of Nations ezoba seCameroon kusukela ngoJanuwari.
"Besivele sikulindele ukudlulela esigabeni sokugcina sokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngenxa yokuthi sinabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu. Ngijabule kakhulu ngoba sesikufezile lokhu,“ kusho uCisse.
“Ubumbano ngaphakathi eqenjini, ukuzinikela kwabadlali nokusebenza kanzima kwabaqeqeshi yikona okuholele ekutheni leli qembu lidlale kahle futhi lithole imiphumela emihle.
“Kungenzeka silishintshe iqembu kule midlalo emibili esisazoyidlala ngoba sinenqwaba yabadlali abalungele ukudlalela iqembu lesizwe kodwa sisazocabangisisa ngoba sifuna iqembu lilungele i-Afcon.
"Asikwazi ukucabanga ngomzuliswano olandelayo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba njengamanje ngoba kusane-Afcon ezayo. Esinesiqiniseko sako wukuthi wonke amaqembu azongena kulowo mzuliswano azobe eyingozi."
IMorocco izibekisele indawo esigabeni sokugcina ngesikhathi ibhudluza iGuinea ngo 4-1. NjengeSenegal, isiqoqe amaphuzu angu-12, okuyibeka kude neGuinea-Bissau, esendaweni yesibili kuGroup I ngamaphuzu amane.
Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni emaqoqweni ayisishiyagalombili njengoba kusenamaqembu amabili noma ngaphezulu asanethuba lokuqeda esicongweni.
Amaqembu azophuma phambili kulawa maqoqo ayishumi azoqhathwa ngoMashi ngonyaka ozayo. Amahlanu azonqoba azozibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ezoba seQatar.