XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weSuperSport United, uKaitano Tembo, uthi lisekude ibanga elisazohanjwa embangweni wesicoco seDStv Premiership ka-2021/22 ngaphambi kokuthi kucace ukuthi yiliphi iqembu elizophakamisa le ndebe.
Njengoba amaqembu amaningi esedlale imidlalo eyisithupha, ompetha, iMamelodi Sundowns, bahamba phambili ngamaphuzu angu-16, balandelwa aMatsatsantsa, iRoyal AM neStellenbosch FC, ababambene ngamaphuzu angu-12.
AmaSandawana, angakahlulwa kule sizini, asesinqobe amahlandla amane elandelana isicoco seligi kodwa uTembo ukholwa wukuthi maningi amaqembu aqine ngokwanele ukuthi alwele lesi sicoco.
"Kuwumsebenzi wawo wonke amaqembu kule ligi ukuqinisekisa ukuthi isezingeni eliphezulu futhi alikho iqembu elizenzela umathanda njalo," kusho uTembo.
"Kusesekuseni ukuthi singaqoka iqembu elizonqoba ngemuva kwemidlalo eyisithupha kuphela.
"Buningi ubunzima obulinde wonke amaqembu kule midlalo eminingi engakadlalwa. Angiboni ukuthi sekuyisikhathi sokuthi iSundowns ivele inikezwe isicoco. Njengoba kusazodlalwa imidlalo eminingi, kumele silindele ukuthi amaqembu wonke asazobhekana nezimo ezehlukene."
Iqembu likaTembo liyiqale kahle isizini njengoba lingelinye lamathathu angayazi induku kwiligi kule sizini. Uthe kuningi asekubonile abakwenza kangcono kunangesizini edlule.
"Sisadlale imidlalo eyisithupha kuphela kodwa sesikwazile ukushaya amagoli ayisishiyagalombili, sangenelwa ngamabili kuphela. Kungcono kakhulu uma uqhathanisa nesizini edlule," kuqhuba uTembo.
"Ngesizini edlule ngicabanga ukuthi besitatazela emuva, kulokhu sibukeka siqinile futhi lokho kuyasivumela ukuthi sihlasele ngokukhululeka. Sinabadlali abaningi abakwaziyo ukushaya amagoli, asibhekile umdlali oyedwa noma ababili kuphela.
"Kusahamba kahle kodwa kumele sibhekane nomdlalo ngamunye. Kuhle ukuthola amaphuzu kusenesikhathi kodwa esikuhlosile ukwenza kangcono kunesizini edlule."
Amatsatsantsa azobe ebheke ukuqhubeka nefomu yawo enhle njengoba ezotholana phezulu neBaroka koweDStv Premiership eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.
ABakgaga basendaweni yesishiyagalombili kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni eyisithupha.
"Kuzoba wumdlalo onzima. IBaroka iyiqembu eliyingozi kakhulu. Basebenza kanzima kakhulu okusho ukuthi kufanele sizikhandle ukudlula bona.
"Ngicabanga ukuthi sizowulungela umdlalo ngoba abadlali bazimisele kakhulu. Siyazi ukuthi ngaphambilini kudingeke ukuthi sisebenze ukuze sithole imiphumela emihle kwiBaroka futhi silindele inselelo efanayo ngoMgqibelo," kuphetha uTembo.