I-SOUTH African Football Coaches Association (Safca) isiphumele obala yagxeka isinyathelo seKaizer Chiefs, sokubeka uStuart Baxter ebhentshini kowamanqamu eCaf Champions League, ngeledlule.
Bekungokokuqala uBaxter ehlala ebhentshini leChiefs, kusukela ethuliwe ngenyanga edlule ukuthi useshaya ibuya kwesokucija Amakhos,i emuva kokuxoshwa kukaGavin Hunt.
Yize ubeseqashiwe yiChiefs ngenkathi idlala ama-semifinal alo mqhudelwano kodwa ubengahlali ebhentshini ngoba kuthiwa amaphepha akhe okusebenza kuleli, abengakalungi.
Lokho kushiye u-Arthur Zwane ehola ithimba labaqeqeshi ebelibambile nokuyilo elifake iChiefs kwiMTN8 ngemidlalo emibili yokugcina yeDStvi Premiership nakowamanqamu eCaf Champions League.
“Abantu kufanele bakhale ubumayemaye ngoBaxter oqhamuke esebonakala ebhentshini kowamanqamu. Nathi siyiSafca siyakhala impela. Inhloso bekuyini? Bekuwukuhlobisa iCV yakhe, kukhulunywe ngaye kuthiwe wanqobela iChiefs iChampions League?,” kubuza umengameli weSafca, uGerg Mashilo.
“Bekufanele uBaxter aqhubeke ayibambe emuva (uma kucashwa ngalokho), adedele uZwane aqedele umsebenzi ngoba abadlali bese bezwa yena. Kusukela kuhambe uHunt, nguZwane obesebenza nalaba badlali njengoba kunguye obafake nakwiTop 8, ubekuphi uBaxter? Yile nto esikhuluma ngayo yokuthi abanikazi bamaqembu ababahloniphi abaqeqeshi basekhaya. Bazothuthuka kanjani abaqeqeshi bethu uma bengadedelwa benze amaphutha abazofunda ngawo?”
Sibe sikhulu isililo kubalandeli bebhola baseMzansi ngokubekwa kukaBaxter ebhentshini, kangangoba ngisho abangeyeseki iChiefs kodwa abebehambisana nokuthi ithwele ifulegi lezwe, bagcine bethi ilayekile ngokuhlulwa ngo 3-0 kwi-Al-Ahly kowanqamu.
Ngisho noPitso Mosimane, ocija i-Ahly imbala, ucashunwe kweminye imithombo yezindaba ezwakalisa ukungagculiseki ngesinqumo seChiefs, sokusunduza uZwane ekuholeni iqembu kowamanqamu.
UMosimane ucashunwe ethi ukube bekuya ngaye uZwane ubezodedelwa aqedele abese ekuqalile ngoba vele bese kusemaphethelweni alo mqhudelwano, wonke umqeqeshi ofisa ukuba yingxenye yawo e-Afrika.
“Kufanele sibanike inhlonipho (uZwane noDillon Sheppard). Kufanele sihloniphe noGavin Hunt ngoba akabongwa ngokwanele ngokubeka iqembu kuma-semifinal bese sibongela u-Arthur Zwane nephini lakhe uSheppy naye uStuart Baxter ngoba siyazi ubekhona ngemuva,” kusho uMosimane kwikickoff.com phakathi nesonto.
“Njengomfana waselokishini ngiyamjabulela u-Arthur Zwane. Ngokwami, ukube bekuzoya ngendlela yami, bengicabanga ukuthi uzodedelwa aqhubeke aqedele abekuqalile.”
Imizamo yokuthola uVina Maphosa, okhulumela iChiefs, izolo ibe nzima ngoba ushayelwe ucingo kepha akalubambanga kodwa wathumela umlayezo othi akakwazi ukukhuluma ngaleso sikhathi.