KUXOVEKE izinhlelo izinhlelo zePSL zokuqala imidlalo yokuhlungela ukudlala kwiDStv Premiership ngoLwesine isatshiswa yiRoyal AM ukuthi ingase ibhekane nezinye izinyathelo zomthetho uma iqala imidlalo.
Namhlanje bekulindeleke kubhekane iChippa United neRichards Bay FC ngo-3 ntambama eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha kulandela isimemezelo sePSL sokuthi ihlabela phambili nemidlalo, nakuba inkantolo ngoMsombuluko inqume ukuthi imiswe kuze kuphothulwe isikhalo seRoyal AM enkantolo enkulu eGoli.
IRoyal AM inqumele iPSL ugwayi katiki ukuthi kushaye u-10 namhlanje ekuseni isiyimisile yonke imidlalo kungenjalo bazoyithathela ezinye izinyathelo zomthetho.
Lugcine lugobile uphondo kwiPSL egcine imemezele ukuthi isimiwe yonke imidlalo, izoxhumana namaqembu athintekayo maduze.
“Lokhu kodwa akusho, nakancane, ukuthi kulungile lokhu okwenziwa yiRoyal AM,” kusho abameli be-PSL encwadini bephendula abameli baleli qembu laseThekwini.
Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba iPSL ithe ngakolwayo uhlangothi ikholwa ukuthi isinqumo sejaji (sokumisa imidlalo) sisamisiwe njengoba nabo bafaka izincwadi besiphikisa enkantolo.
IPSL izwakalise ukukhathazeka ngemidlalo yokuhlungela iDStv Premiership kwazise siyancipha isikhathi sokulungiselela isizini entsha.