XOLILE MPISANE
South Africa (0) 0
Mexico (2) 3
INingizimu Afrika ibuye ilambatha emncintiswaneni webhola kumaTokyo Olympics iqunjwa phansi iMexico ngo 3-0 emdlalweni wesithathu kuGroup A eSapporo Dome ngoLwesithathu ntambama.
Emva kokudliwa iJapan ngo 1-0 neFrance ngo 4-3, iqembu likaDavid Notoane belidinga ukunqoba ngamagoli amabili noma ngaphezulu bese zivunwa umphumela weJapan neFrance, ukuze libe sethubeni lokudlulela kweyomkhumulajezi.
Izinto zibhimbe ngesiwombe sokuqala iMexico ibhakuzisa inethi kabili ngamagoli ashaywe u-Alexis Vega noLuis Romo, isipikili sokugcina sashayelelwa uHenry Martin ngesiwombe sesibili.
Igoli lokuqala lingene ngomzuzu ka-18, u-Uriel Antuna ugobe ibhola elihle ngakwesokudla, uVega walivalela phakathi ezihambela yedwa ebhokisini.
Kusale kancane ukuthi uVega ashaye elesibili ngomzuzu ka-38, ewelwa ibhola ebelikade lishaye ipali engamakiwe, kodwa wasebenza unozinti weNingizimu Afrika, uRonwen Williams, walichilizela ngaphandle.
IMexico igcine ilitholile igoli lesibili sekusele umzuzu kuyiwe ekhefini, izitobha zakuleli zihlulekile ukushanela ibhola ebelikade liyikhona, lawela ku-Romo phakathi ebhokisini.
Ishodi lakhe livalwe uLuke Fleurs kodwa ibhola labuya lazishayisa kuyena, layongena phakathi eselele phansi uWilliams.
Ukaputeni weNingizimu Afrika uTercious Malepe uthole ikhadi elibomvu ngomzuzu ka-57, esolwa ngokungena kwabuhlungu kuMartin, eqhamuka ngemuva.
Unompempe ubemnike ikhadi eliphuzu kodwa wabuye wasiguqula isinqumo sakhe emuva kokubukisisa kumabonakude we-VAR.
UMartin uvuke wazithatha washaya igoli lesithathu kusaphele emibili nje uMalepe ekhishiwe. Uthole iphasi enhle ebichushiswe uCarlos Rodriguez, wabe eselibeka enethini.
Iqembu laseMexico nalo liwuqede lingasaphelele umdlalo, uRodriguez uthole ikhadi elibomvu ngomzuzu ka-66 emuva kokuwisa uLuther Singh esebheke epalini.
Womabili amaqembu awatholile amathuba ngasekugcineni umdlalo usuvulekile kodwa angawasebenzisa waphela ngo 3-0.
Komunye umdlalo kuGroup A, osokhaya, iJapan baqhubekile nerekhodi labo elihle bebhaxabula iFrance ngo 4-0.
Lowo mphumela ubeke iJapan esicongweni ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, iMexico yaqeda endaweni yesibili ngamaphuzu ayisithupha. Bobabili badlulele kuma-quarterfinal.
IFrance ilale endaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu, iNingizimu Afrika yabamba ibhuleki ngeqanda.
Bekungokuqala ukuthi elakuleli liqede imidlalo yamaqoqo kuma-Olympics lingenalo nelokubika iphuzu.
Amaqembu asemele izwekazi lase-Afrika kuma-quarterfinal i-Egypt ne-Ivory Coast, abakwazile ukudlula emaqoqweni abo.
I-Ivory Coast izotholana phezulu neSpain ngoMgqibelo ekuseni ngo-10, i-Egypt izodlala neBrazil ngo-12 emini.