IDiski Yomhlaba
KULINDELEKE ukuthi amehlo athi njo eqoqweni eliwuGroup F le-Uefa European Championship, nedume ngele-Euro, eqala kuleli sonto. Yilapho kuboshelwe khona izingqungqulu okubalwa kuzo iPortugal, France neGermany.
IPortugal egabe ngezingwazi okubalwa kuzo uCristiano Ronaldo, Bernardo Silva, Bruno Fernandes, Joao Felix, yiyo evikela lesi sicoco esinqobe okokuqala ngo-2016 iguqisa iFrance ngo 1-0 kowamanqamu.
Lo mqhudelwano odlalwa emuva kweminyaka emine, awudlalwanga nyakenye okokuqala selokhu wasungulwa ngo-1960 ngenxa yokubheduka kobhubhane iCovid-19.
Nakuba ubuyela ensimini kulo nyaka kodwa kwenzeka okungakaze kwenzeke phambilini njengoba udlalelwa emadolobheni angu-11 ase-Europe, phakathi kwawo kubalwa i-Amsterdam (Nertherlands), Copenhagen (Denmark), London (England), Munich (Germany), Rome (Italy), ukubala ambalwa.
Le midlalo yanonyaka eqale ngoLwesihlanu, izosongwa ngoJulayi 11.
IPortugal efinyelele okokuqala kowamanqamu e-Euro ngo-2004 lapho iguqiswe khona yiGreece kowamanqamu, kuyithathe iminyaka engu-12 ukuphinde ifinyelele kowamanqamu alo mqhudelwano, nokuyilapho igcine isisinqoba lesi sicoco ishaya iFrance ngo 1-0.
Okuzokwenza amehlo abathandi bebhola nezingqapheli eziningi athi njo kule Group, wukuthi iFrance okuyiyona egcine ukudlala owamanqamu e-Euro ngo-2016 nePortugal ngo-2018, iqhubekile nokudlondlobala yagcina idle isicoco seNdebe yoMhlaba, iguqisa iCrotia ngo 4-2 kowamanqamu eMoscow, eRussia.
Ngakho akungatshazwa ukuthi ukuqhathwa kwePortugal neFrance eqoqweni elilodwa kuzodala elikhulu isasasa kwazise ukuhlangana kwala maqembu, kungase kuvuse eyamagqubu yango-Euro 2016 lapho iLes Bleus yaguqiselwa esibayeni sayo yi-A Selecao, eStade de France, eParis.
Ngaphandle kwalokho, umqeqeshi wePortugal, uFernando Santos okunguyena onqobele leli qembu lesizwe isicoco se-Euro okokuqala emlandweni walo ngo-2016, ubhekwe ngabomvu ukuthi ngabe uzokwazi yini ukusivikela isicoco, aholele iPortugal ekubeni yizwe lesibili emlandweni walo mqhudelwano ukuvikela isicoco.
ISpain yisona kuphela emaqenjini esizwe emlandweni walo mqhudelwano esisakwazile ukuvikela isicoco njengoba senza ngo-2012 sishaya i-Italy kowamanqamu, emuva kokuba yayisinqobe ngo-2008 iguqisa iGermany.
Kubukeka kungeke kubhekwe kuphela uSantos kodwa kuzobhekwa nesethenjwa somgadli weqembu lasePortugal, uRonaldo, esaziwa umhlaba wonke ngokungalibheki ipali.
URonaldo (36), okulindeleke ukuba alithwale okokugcina leli qembu lasePortugal kulo mqhudelwano ngenxa yeminyaka yakhe yobudala, ubhekene nenselelo yokuqhubeka nadume ngazo zokwephula amarekhodi okushaya amagoli.
IPortugal ivula neHungary ngoLwesibili, eFerenc Puskas Stadium, eBudapest, eHungary ngo-6 kusihlwa. Kuthi ngawo uLwesibili iFrance izodudulana neGermany e-Allianz Arena, eMunich, eGermany, ngo-9 ebusuku.
Eminye imidlalo ye-Uefa European Championship ebhekiwe:
Namuhla ngo-3pm nango-6pm:
England v Croatia;Nertherlands v Ukraine
NgoMsombuluko ngo-9pm:
Spain v Sweden