KUNGENZEKA ukuthi sesifikile isikhathi ayekade esikhulekela umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, njengoba kubukeka sengathi sekuzoba yi-Orlando Pirates enabadlali abaningi eqenjini lesizwe esikhundleni seMamelodi Sundowns kulandela ukusayinisa kwayo abadlali abaningi asebengene ezinhlelweni zakhe.
Kusukela uBroos athatha umsebenzi kwiBafana ngo-2021, akakaze akufihle ukuthi uphoqelekile ukuthembela kubadlali beSundowns ngenxa yesipiliyoni abanaso emidlalweni yamazwe njengoba idlala njalo kwiCaf Champions League.
Ubufakazi bokuthembela kweBafana kubadlali beSundowns bagqanyiswa yisibalo sabo eqenjini elabuya nendondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast, uRonwen Williams, Grant Kekana, Khuliso Mudau, Mothobi Mvala, Aubrey Modiba, Thapelo Maseko, Terrence Mashego, Teboho Mokoena, Thapelo Morena noThemba Zwane.
Kusemqoka nokho ukuqaphela ukuthi ngokukaBroos cishe bonke abadlali beSundowns bacela eminyakeni engu-30 ubudala noma ngaphezulu.
Ngenxa yalokhu, lo mqeqeshi waseBelgium uyikhulumile ngasekuqaleni kwenyanga edlule indaba yobungozi bokuthembela kakhulu kubadlali abaqhamuka eqenjini elilodwa.
“Akufihliwe ukuthi izinhlelo zethu eziningi zincike kubadlali beSundowns ngenxa yesipiliyoni sabo eside emidlalweni yamazwe kodwa lokhu akusho ukuthi akunabungozi,” kusho uBroos kwabezindaba ngasekuqaleni kukaJuni nonyaka.
“Sekuyisikhathi sokucabangela ikusasa leBafana ngoba iningi labadlali beSundowns lineminyaka engu-30."
UBroos ubekhuluma ngesikhathi ehlelela ukuzwana amandla neTanzania neMozambique ngokwahlukana. Udlale le midlalo yobungani ngaphandle kwabadlali beSundowns abebeyibambe kwiFifa Club World Cup eqhubekayo e-United States of America (USA).
Esikwatini sikaBroos bekunenqwaba yabadlali abathembisayo futhi abakhombise izimpawu zokuba nonyawo oluhle kulaba abanikiwe ithuba lokuziveza.
Kunzima ukuziba ukuthi iningi lalaba badlali abebekwiBafana liphenduke abePirates kusukela kuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali.
Kulesi sikwati bekukhona abadlali abahlanganisa uYanela Mbuthuma obekwiRichards Bay FC, Tsepang Moremi obekuMaZulu FC, Sinoxolo Kwayiba obekwiChippa United no-Oswin Apollis obedlalela iPolokwane City. Bonke laba badlali bamenyezelwe yiPirates njengezinduku zayo ezintsha ezinsukwini ezedlule.
Kusona lesi sikwati sekhempu yakamuva, kunabadlali bePirates abebebonakala okokuqala kwiBafana okuzitolika ngokuthi bazozinza uma beqhubeka nokwenza kahle.
Laba nguMbekezeli Mbokazi, Deano Van Rooyen, Simphiwe Selepe noMohau Nkota.
Bonke laba badlali bafika kwiBafana nje, iPirates ivele inoSipho Chaine, Nkosinathi Sibisi, Patrick Maswanganyi, Thalente Mbatha noRelebohile Mofokeng. Lokhu kuchaza ukuthi kungenzeka kunciphe ukugcwala kwabadlali beSundowns kwiBafana, kukhule isibalo sabePirates.