UMAKADEBONA odlalele iMoroka Swallows neBloemfontein Celtic, uLefa Tsutsulupa, ubona ibhadi le-Orlando Pirates, osekuphele amasizini ayisithupha inganqobi nesisodwa isicoco kwiPremier Soccer League (PSL), lisazoqhubeka yize ithwelwe ngeqoma emdlalweni wayo neBloemfontein Celtic kowamanqamu eMTN 8 ngoDisemba 12 enkundleni esazomenyezelwa.
IPirates isayine abadlali abanamagama, abanye asebenqobe izicoco emaqenjini abebewadlalela. Lapha kubalwa uThulani “Tyson” Hlatshwayo obuye abe ngukaputeni weBafana Bafana, uDeon Hotto waseNamibia noRichard Ofori waseGhana.
Yize kunjalo uTsutsulupa, oyinxusa leMTN 8, akayiboni iPirates ibona elidlalayo kwiSiwelele.
“Lisazoqhubeka ishobolo lePirates, ngeke ilibone elidlalayo. Ngiyavuma ukuthi iPirates inabadlali abanamava futhi abaziwayo. Kodwa umoya wobunye kwiCeltic yiwo ozoyenza inqobe. Ukuba yingozi kukaVictor Letsoalo noNdumiso Mabena ngibona buzoyixaka kakhulu iPirates. Ngaphandle kwalokho, iSiwelele sisanda kuphundulwa yisicoco seNedbank Cup,” kusho uTsutsulupa.
Umehluko phakathi kwePirates yangesizini edlule nePirates yakule sizini wukuthi ezikaJosef Zinnbauer azisavuzisi amagoli emuva. Ngakolunye uhlangothi iSiwelele siyingozi enkulu. Endleleni yaso ebheke kowamanqamu kubheke phezulu iMamelodi Sundowns engompetha beDStv Premiership, kwabuye kwakhala ngaphansi iSuperSport United ebivikela sona belu isicoco seMTN 8. IPirates ifike kowamanqamu ngokushaya umkhaya iKaizer Chiefs neCape Town City.
“Kuzoba wumdlalo omnandi kakhulu. Kodwa ngiyayithanda indlela iCeltic ebambisana ngayo. Kubalulekile kulo mdlalo ukudlala njengeqembu hhayi umuntu ngayedwana. Uma udlala neCeltic, akufuneki ukulala emuva. Uma uke wahuqa ubuthongo, uzozibona ufana nobani,” kusho uTsutsulupa.
Noma ingakacaci inkundla okuzodlalelwa kuyo kodwa iMoses Mabhida Stadium, eThekwini, isethubeni elihle lokuphatha umdlalo.
Abalandeli bakanobhutshuzwayo bamincile ukuthi qambe kushaya lolu suku, iSouth African Football Association (SAFA) ngokubambisana nePSL babavumele ukuba okungenani isibalo esithile sabalandeli singene enkundleni.
ISAFA ilindele uMnyango wezeMidlalo nobuCiko oholwa nguNathi Mthethwa ukuthi ubazise uma kuzoba nezinguquko ngabalandeli ezinkundleni.