I-ORLANDO Pirates iyazihlangula odabeni "lokuduka" komdlali wayo, uGoodman Mosele, ongalubhadanga ekhempini yeBafana Bafana.
UMosele, oyibamba enkabeni yenkundla kweZimnyama, bekufanele atheleke ekhempini yeBafana ngeSonto. Ngokwesitatimende esikhishwe yiSafa, uMosele akazange afike ekhempini futhi akatholakali ngisho ocingweni lwakhe. Indawo kaMosele isivalwe ngokushesha nguJesse Donn weSuperSport United.
Isikhulu esiphezulu sePirates, uFloyd Mbele, sithe abazi ukuthi uMosele akekho kwiBafana.
"UMosele silindele ukuthi ngabe usekhempini yeBafana. ISafa ithumela izincwadi kuwona wonke amaqembu abadlali ababizelwe esikwatini. Sazi ukuthi usekhempini. ISafa ayikaze isithinte isazise ukuthi akekho," kusho uMbele obuze intatheli ukuthi iSafa iyishayele ucingo yini iPirates mayelana nokungafiki kukaMosele?
ISafa ayicacisanga ukuthi iyithintile yini iPirates ngalo mdlali wayo ebingamtholi nasocingweni.
Ukungafiki kukaMosele ekhempini yeBafana kujabhise umqeqeshi uHugo Broos oqala kabusha leli qembu ngabadlali abasebancane. UMosele, obeyibamba kwiBaroka, ushaya into ecokeme kweZimnyama selokhu efikile.
"Okubi ukuthi uGoodman Mosele akafikanga. Sizamile ukumthinta kodwa asiphumelelanga ukumthola ocingweni futhi lokhu kuyajabhisa kakhulu. Siyajabula ukuthi uJesse Donn usukumele phezulu, wafika ngokushesha," kuHugo Broos, esitatimendeni seSafa.
IBafana izicijela ukududulana ne-Ethiopia emidlalweni emibili elandelana eduze yokuhlungela umqhudelwano weNdebe yoMhlaba ozoba seQatar, ngonyaka ozayo. Owokuqala uzoba ngoMgqibelo ekuhambeni. Owesibili uzoba ngo-Okthoba 12, eFNB Stadium.
IBafana ihlezi esicongweni kuGroup G ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo emibili. Idlale ngokulingana neZimbabwe kowokuqala, yehlula iGhana okwesibili. Ukuthola amaphuzu ayisithupha kwi-Ethiopia kungayibeka ethubeni lokungena emazweni angu-10 azoqhuthana kowokuhlunga ngoMashi. Ayisihlanu azowina azomela i-Afrika eQatar ngonyaka ozayo.
Kungenzeka ukuthi ukuduka kukaMosele kuvulele inhlanhla UDonn oyiqale kahle isizini kwiSuperSport.
UDonn ubekade ebiziwe esikwatini seBafana sabadlali abangu-34 kodwa wasala ngaphandle sesiphundlelwa kwabangu-23 abazobhekana ne-Ethiopia. Ngaphandle kukaDonn, omunye osethole indawo nguzakwabo kwiSuperSport uLuke Fleurs ozovala isikhala sikaMosa Lebusa weMamelodi Sundowns olimele.
UFleurs, obeyibambe esikwatini sika-Under 23 esidlale kuma-Olympics ngoJulayi, ubizwe okokuqala kwiBafana.
"Ngidlalile ku-Under 17 nakuma-Olympics asanda kudlula. Ngibizwe okokuqala esikwatini esikhulu futhi ngizozimisela," kusho uFleurs oyibamba maphakathi emuva.