UKAPUTENI we-Orlando Pirates okubukeke sengathi ubedlala okokugcina kuleli qembu u-Innocent Maela
Image: BACKPAGEPIX
Orlando Pirates (1) 1
Magesi FC (1) 1
I-ORLANDO Pirates iyeke ithuba lokuvalelisa ukaputeni wayo u-Innocent Maela ngamaphuzu amathathu ngesikhathi ibambana neMagesi FC koweBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
IBucs ivule inkundla ngegoli likaPatrick Maswanganyi ngaphambi kokuthi u-Edmore Chirambadare alinganisele izivakashi esiwombeni sokuqala.
Ngasekuqaleni kwenyanga uMaela oneminyaka engu-32 ubudala akazange aphike ngesikhathi ebuzwa ukuthi kuliqiniso yini ukuthi uzowagaxa emgibeni amakhokho uma kuphela isizini.
Abazazi zonke ezePirates bathi lo kaputeni ohlushwe wukulimala isikhathi eside uzanyelwa umsebenzi wangaphandle kwenkundla kwiPirates.
Nakuba iPirates ingakaze ikuqinisekise lokhu kodwa indlela uMaela akhuluma ngayo yakhombisa izimpawu zokuthi amahemuhemu ngekusasa lakhe kungenzeka kube yinto ekhona.
“Iqiniso elingenakuphikiswa ukuthi ngeke udlale kuze kube phakade ngakho-ke uma sesifikile isikhathi sokushenxa kufanele wenzenjalo,” kwasho uMaela kwabezindaba ngasekuqaleni kukaMeyi.
“Uma uMdali enginika ithuba lokufaka isandla ekusizeni isizukulwane esilandelayo sePirates ngeke nginanaze ukulithatha,” kusho uMaela ngaleso sikhathi.
Ukuboshelwa kwakhe esikimini kubonakale njengokumvalelisa kwazise uyimele ngesizotha iPirates yize ukulimala kumenze wahola leli qembu engekho enkundleni isikhathi esiningi.
Ukhishwe ngomzuzu ka-67 yasukuma yonke inkundla imvalelisa obekuqinisekisa ukuthi kungenzeka ukuthi usewabeka ethala ngempela.
Omunye umdlali oyimele kahle iPirates okuthiwa ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe ephelayo ngenyanga ezayo, uMiguel Timm, osenesikhathi eqiwa yijezi.
Ayizange iphele imizuzu engu-10 iPirates yazithola isihamba phambili ngengcwenga ye-freekick ethathwe uMaswanganyi ngomzuzu wesikhombisa.
Kungazelele muntu iMagesi ilinganise ngegoli likaChirambadare ngomzuzu ka-32 kwayiwa ngalo ekhefini.
Esiwombeni sesibili womabili amaqembu ashayane aze abukana kungekho elivuma ukugoba uphondo.