Ezemidlalo Ibhola

IPirates ihlulekile wukunqoba ekhaya koweCaf

Published

UTHULANI Hlatshwayo exosha ibhola emuva emdlalweni we-Orlando Pirates ne-ES Setif ophele ngo 0 - 0. Isithombe: Facebook/Orlando Pirates

SITHEMBISO MKHIZE

I-ORLANDO Pirates ishayane yabukana ngo 0-0 ne-ES Setif yase-Algeria kulo mdlalo weCaf Confederation Cup obuse-Orlando Stadium izolo ntambama.

Iprages ibifike kulo mdlalo ngokukhulu ukuzethemba ngemuva kokunqoba umdlalo wayo odlule ishaya iMaritzburg United ngo 2-0 koweligi ngempelasonto edlule. Umqeqeshi weZimnyama uJosef Zinnbauer utshele abezindaba ngaphambi komdlalo ukuthi bayazethemba futhi bafuna ukunqoba ukuze bazokwazi ukuqeda beqhwakele eqoqweni labo.

Ukudlala ngokulingana kushiye iPirates ngamaphuzu ayisishiyagalolunye kuGroup A. Ilandelwa yi-Enyimba yaseNigeria enamaphuzu ayisithupha.

Ukube inqobile kulo mdlalo beyizozibekela indawo kuma-quarterfinal ngamaphuzu awu-11.

Kowokugcina wamaqoqo ne-Enyimba, ongoLwesithathu, ekuhambeni, kuzoyiphoqa ukuthi inqobe noma idlale ngokulingana uma ifuna ukuqeda phezulu.

Phezulu ku-Group A, iPirates izoqhubeka nokuhlala ngayisishiyagalolunye, emidlalweni emihlanu.

Namuhla izothandazela ukuthi i-Enyimba elele isibili ngamaphuzu ayisithupha, idliwe noma idlale ngokulingana ne-Al Ahly Benghazi nayo engakaphumi embangweni olibhekise kuma-quarterfinal.