I-ORLANDO Pirates icabele obengumdlali waMaZulu FC, uTapelo Xoki, isikhala esikimini iqhathulula owayengukaputeni weBafana Bafana, uThulani “Tyson” Hlatshwayo.
Izindaba zokushiya kukaHlatshwayo ziqinisekiswe yiyo iPirates kwi-website yayo izolo emini.
Ubesasele nesizini lo mdlali wasemuva odabuka eSenaoane, eSoweto, ofike eqenjini langakubo wanqoba iMTN8 ngesizini yokuqala kodwa wadlala imidlalo enguo-10 kuphela ngesizini esongwayo ka-2021/2022.
“Iphupho lami lokugqoka ijezi le-Orlando Pirates lifezekile. Ngifika la ngasho ukuthi ngifuna indebe. I isizini yesibili ayihambanga ngendlela ebengifisa ngayo nokuyikho okungifinyelelise esinqumweni sokuthi ngicele iqembu lingidedele. Kuningi okusangisalele enkundleni,” kusho uHlatshwayo.
UHlatshwayo ufike ethwelwe ngeqoma kwiPirates, okufakazelwe wukuthi anikwe nebhande uma engekho uHappy Jele.
Ngenxa yalokho, nguye obengukaputeni bephakamisa inkomishi yeMTN8 besacijwa nguJosef Zinnbauer ngesizini ka-2020/2021.
Amaphutha abewenza enkundleni nabedlisela iqembu kodwa agcine amenza weqiwa yijezi, okufakazelwa wukuthi ngo-2021/2022 uboshelwe ka-10 kuphela.
“Sibe nezingxoxo ezinhle nabaphathi kodwa ngibone sekuyisikhathi esifanele ukuthi ngishiye iqembu. Ngiyohlezi ngimbonga usihlalo weqembu ngokufeza isifiso sami (sokugqoka ijezi lePirates akhulele kuyo). Ubudlelwano bami naleli qembu busuka kude futhi busazoqhubeka nangasemuva kwezinsuku zami zokudlala.
“Kimi lolu suku luhambisana nemizwa eminingi eyahlukene. Nginokuzigqaja, ukudumala kodwa kukhona nokulindela ikusasa eligqamile.
“Ngibonga nabalandeli ngokungeseka kwabo.”
Kule sizini uHlatshwayo ubeqiwa yijezi kudlala uJele, Ntsikelelo Nyauza no-Olisa Ndah.
IPirates isanda kusayinisa uXoki obeyibamba kuMaZulu futhi nguyena osezobanga ijezi nalaba badlali. Eqinisweni, iningi lilindele ukubona ukuthi kuzophumani phakathi kwakhe noNda, osekuvele kaningi ukuthi uyisibabuli.