USAMIR Nurkovic ubengomunye wabadlali abaqavile kwiSuperSport United kwiBetway Premiership ngesizini edlule okubhekwe ukuthi uzodlala kuliphi iqembu ngesizini ka-2025/2026
Image: BACKPAGEPIX
WONKE amandla awele kubadlali abebesemabhukwini eSuperSport United ngesikhathi idayiswa ngokuzokwenzeka ngekusasa labo njengoba sekulindwe ukuthi iPremier Soccer League (PSL) igunyaze indaba yeSiwelele FC.
Lawa ngamazwi kaTeboho Monyai oyibamba kwesobumengameli weSouth African Football Players Union (Safpu) awatshele Isolezwe ngesikhathi limbuza ngekusasa labadlali beSuperSport njengoba isidayisiwe.
Nakuba isematheni eyeSiwelele nabaphathi bayo abasha kodwa bekungakaze kushiwo lutho ngokuzokwenzeka ngabadlali abebenezinkontileka neSuperSport.
UMonyai uthe wonke amandla akubadlali kodwa konke kuncike ekutheni bavumelana ngani nabanikazi abasha.
“Bonke abadlali abebesemabhukwini eSuperSport ngesikhathi idayiswa ngeke balahlekelwe yimisebenzi kodwa lokhu kuncike ekutheni banayo yini kumbe abanayo inkinga ngokufudukela eFree State,” kusho uMonyai.
“Umthetho umile ekutheni ngisho ngabe iqembu elithengayo lifudukela kwesinye isifundazwe kumele lihambe nabadlali kodwa uma kukhona abangahambisani nalokho, banalo ilungelo lokunqaba.
“Kube sekuba phakathi kweqembu naye lowo mdlali ukuthi bavumelana ngokuhlukana ngayiphi indlela,” kusho uMonyai.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo walo kwiSuperSport, usihlalo omusha uCalvin Le John uhlanganile nabadlali wabathembisa ukuthi uzohlangana nabo umdlali ngamunye kuleli sonto.
“Singabadlali asazi ukuthi kuzokwenzekani. Sizokwazi kuleli sonto ukuthi ubani ohambayo, ubani ohlalayo eqenjini,"kusho umthombo.
Okuqaphelekile wukuthi yize bevunwa wumthetho kodwa kunabadlali abangeke bakwazi ukufudukela eBloemfontein ngenxa yezibophezelo abanazo eGauteng njengezikole zezingane nemindeni yabo.
Ngeledlule, kuqinisekisiwe ukuthi kuyaphela ngaMatsatsantsa asehlale iminyaka engu-31 kwiPSL.
Athengwe nguLe John oyindodana kaNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uGayton McKenzie, ngesizumbulu esilinganiselwa ku-R50 million.
Inhloso wukuvusa iBloemfontein Celtic kwazise abalandeli bayo basala dengwane ngesikhathi ithengwa nguShauwn MaMkhize wayifudukisela KwaZulu-Natal, wayibiza ngeRoyal AM ngo-2021.
Nakuba izinhlangothi zombili sezivumelene ngakho konke kodwa kusemnyama kubadlali abangakazi ukuthi ikusasa libaphatheleni ngaphansi kobuholi obusha.
Kunezinkulumo ezingaqinisekisiwe zokuthi lizogcinwa ithimba labaqeqeshi okukhona kulona u-Andre Arendse osindise iqembu ezembeni noGrant Johnson ongumqeqeshi wonozinti.
Kubadlali beSuperSport asebevele bathole amakhaya amasha kukhona uSiphesihle Ndlovu osayine kwiKaizer Chiefs, Ime Okon othole amadlelo aluhlaza kwiHannover 96 yaseGermany noBradley Grobler osekwiSekhukhune United.
URoscoe Krieling obeqeqesha iSuperSport kwiDStv Diski Challenge (DDC) naye useqashwe yiPirates.