Sithembiso Mkhize
UKUBHEDUKA kwegciwane iCorona, emhlabeni kuphazamise izinhlelo zengwazi yeBafana Bafana, zokuthi iqhubeke nezifundo zokuqeqesha.
UKagisho “KG” Dikgacoi ogijime imidlalo ewu-54 kwiBafana utshele Isolezwe ukuthi iCorona iphazamise izinhlelo zakhe yavimbela ukuthi aye e-United Kingdom (UK), ukuyokwenza Uefa B no-A Licence.
Le ngwazi eyaqala ukugqama kwiLamontville Golden Arrows ngaphambi kokuyodlala iminyaka eyisithupha, e-Europe kwiFulham, Crystal Palace nakwiCardiff City, ithi bekumele inikele e-UK ngoJuni yavinjwa yilo igciwane eliholele ekutheni amazwe amaningi akuvale nokuhamba kwezindiza. Uthe izifundo zakhe zihlehliselwe uJuni ozayo.
“Impela ingiphazamise kakhulu le nto yeCorona. Konke bese kuhleliwe kwaqhamuka lento esikhaleni. Akusenani sengizobona ngonyaka ozayo,” kubeka uDikgacoi.
Lo mdlali wayengelinye lamasosha kaCarlos Alberto Parerria, kwiBafana, kwiNdebe yoMhlaba ngo-2010.
Uthe isifiso sakhe ukufana noBenni McCarthy okuwuyena yedwa kuleli one-Uefa Pro Coaching Licence ehlonishwa umhlaba wonke.
“Empeleni isifiso sami bekuwukuyenza ngonyaka ozayo i-Uefa Pro Licence. Ngizobona isimo, uma sivuma ngizoyenza,” kuqhuba uDikgacoi.
Ngesizini ka-2018-19 wabamba izintambo zokuqeqesha kwiRoyal Eagles kwiGladAfrica Championship . UDikgacoi wabamba imidlalo emihlanu ngesikhathi kunikwe ikhefu umufi uRoger Sikhakhane. Uke waqeqesha
nakwiWitbank Spurs kwiGladAfrica.
UDikgacoi uthe nakuba ethanda ukuqeqesha kwiPSL kodwa usafuna ukugxila ezifundweni zakhe. Uveze ukuthi okwamanje akenzi lutho, umatasa nenkampani yakhe i-International Sports Apparel Design Institute (IsaDi) egqokisa iqembu lesizwe laseMalawi.
Ngaphandle kukaMcCarthy noDikgacoi, abanye ababedlala kwiBafana asebengabaqeqeshi wu-Eric Tinkler ocija iMaritzburg United, Shaun Bartlett obeyiphini kwiKazier Chiefs, noQuinton Fortune oqeqesha iReading FC yase-England, ukusho abambalwa. Ngo-2018 uSteven Pienaar uthole i-Uefa A no-B Licence.