Sibusiso Mdlalose
AYIQALE ngonyawo oluhle amaqembu aKwaZulu-Natal isizini ka-2021/2022 yeDStv Diski Challenge enqoba imidlalo yawo yokuvula.
IMaritzburg United iguqise iSekhukhune United ngo 2-1 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, kwathi iRoyal AM yashaya iChippa United ngo 3-2 eWolfson Stadium, eGqeberha ngoMgqibelo.
Ukunqoba kweMaritzburg neRoyal AM akungatshazwa ukuthi sekufake ingcindezi kuMaZulu FC neLamontville Golden Arrows abazodudulana emdlalweni womkhaya eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto ngo-12 emini.
AmaZulu, acijwa nguSiboniso “Nini” Vilakazi yiwona avikela isicoco asinqobe ngesizini edlule eguqisa iMamaledi Sundowns ngo 2-0 kowamanqamu eFNB Stadium.
Engxoxweni abenayo neSolezwe ngeSonto, uVilakazi ukubeke kwacaca ukuthi bayiqonda kahle ingcindezi ababhekene nayo kule sizini njengoba kuyibona abavikela isicoco.
Uthe yize bezimisele ukubuya nawo ephelele amaphuzu emdlalweni womkhaya kodwa bayazi ukuthi kufanele balindele umdlalo onzima komkhaya babo, Abafana Bes’thende.
Omunye umdlalo obhekwe ngabomvu ngophakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, eBidvest Wits Stadium, eGoli khona ngeSonto ngo-12.30 emini.
Imiphumela yangoMgqibelo yeDStv Diski Challenge:
Chippa United 2-3 Royal AM; Swallows FC 2-2 TS Galaxy; Maritzburg United 2-1 Sekhukhune United, SuperSport United 2-1 Mamelodi Sundowns.