Ezemidlalo Ibhola

Inselelo kwiChiefs ngokhondolo lwabagadli ‘ababuthuntu’

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMGADLI weKaizer Chiefs waseColombia uJasond Gonzalez owafika kwiPremier Soccer League waze wahamba engazange ayibhakuzise inethi

Image: BACKPAGEPIX

ISIDINGA ukufakelwa izibuko indlela okuthungathwa ngayo abagadli kwiKaizer Chiefs okubukeka kungenye yezindawo okusobala ukuthi Amakhosi ashaya into ephansi kuzona.

Lokhu kusemqoka ngoba uma kushaywa indiva lungaqhubeka ukhondolo lokusayiniswa kwabagadli ababuthuntu, kuphinde kuphele eminye iminyaka engu-10 leli qembu laseNaturena lingazange lifake sicoco ekhabetheni lezinkomishi.

Ukungacaci kwekusasa likaTashreeq Morris kwiChiefs nokuqinisekisa kwayo kwakamuva ukungavuselelwa kwenkontileka kaRanga Chivaviro, kuwubufakazi obuyixoxa buyiqede indaba ngodaka olushaywe yileli qembu eminyakeni edlule uma kuziwa ngasekuthezeni abagadli.

Yize uMorris ofike ngoJanuwari nonyaka enenkontileka ephela ngoJuni wonyaka ozayo kodwa kusobala ukuthi akazange akwenze abekulandelwe kuyena. Lokhu kufakazelwa ngamagoli amabili awashaye emidlalweni engu-20 ngokwahlukana kwemiqhudelwano.

Ukungafiki kumagoli eligi angu-10 kukaChivaviro kumasizini amabili awadlalele iChiefs kushiya imibuzo ngokuthi yini le ebhekwa yiqembu uma lithungatha umgadli.

Kusukela ngo-2023 uChivaviro usayibhakuzise amahlandla ayisikhombisa inethi emidlalweni yeligi edlubhe umfaniswano waMakhosi.

Kubona bonke abagadli abake bathezwa yiChiefs, akekho ocacisa ubuthaka bezinhloli zayo njengoJasond Gonzalez waseColombia owafika ethwelwe ngeqoma ukuthi uzowaqhulula kodwa waze wachithwa engakaze ayibhakuzise nakanye inethi.

Namanje basathwala izandla ekhanda abalandeli beChiefs uma ubakhumbuza uCaleb Bonfils Bimenyimana kwazise washeshe wadedelwa naye ngoba kucaca ukuthi akasona isixazululo.

Konke lokhu kushiya imibuzo ngabathungathela iChiefs abagadli uma uzokhumbula ukuthi kumanje uChristian Saile, obolekisiwe, akucaci noma uzobuyela kuyona noma uzoqhubeka kwiSuperSport United.

Baningi abagadli beChiefs okuthi uma kukhulunywa ngabo baswabe abalandeli bayo njengoLazarous Kambole waseZambia naye owafika kubhekwe lukhulu kuyena kodwa kwagcina kubonakala ukuthi akukho lutho aluphathe Amakhosi.

Ngaphandle kukaKnowledge Musona, Samir Nurkovic noLehlohonolo Majoro owabonakala umsebenzi wabo, iChiefs isineminyaka ishaya udaka uma kufanele ithole umgadli.

Ziyajabulisa ezithi Amakhosi asenoThembela “Tera” Maliwa, (obeyinhloli yeMamelodi Sundowns) emabhuwkini ayo ngoba ngeke kuyizuzise lutho ukuqhubeka nokulanda abagadli abangagculisi.

Phakathi kwalaba bagadli abashiya umlando omubi kwiChiefs singabala uMatthew Rusike, David Zulu, Edward Manqele, Gustavo Paez, Siphelele Mthembu, Camaldine Abraw, Michelle Katsvairo, Lewis Macha noBongani “Drogba” Ndulula.

Njengoba kubukeka sengathi u-Ashley du Preez uyagcinwa, sekubhekwe ukuthi iChiefs izomnika bani umqeqeshi wayo, uNasreddine Nabi, oyinqumele ugwayi katiki wokuthi uzobona indlela uma bengamtholeli uhlobo alufunayo.