Ezemidlalo Ibhola

Inkakha ivikela iChiefs 'ngokubutha izinsalela' zePirates

Mthokozisi Mncuseni|Published

OMUNYE wabashayimagoli abaqavile eNingizimu Afrika onomlando omude neKaizer Chiefs, uMarks “Go Man Go” Maponyane, uvikele iqembu lakhe lakudala eligxekwa ngokulanda abadlali asebephelewe wushatini kwi-Orlando Pirates.

IChiefs eseNetherlands, lapho ilungiselela khona ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership, iphoqelekile ukubuya ngonyawo oluhlukile kwezayo kwazise edlule iyiqede ngaphandle kwe-Top 8.

Njengoba kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali, iChiefs ingelinye lamaqembu amatasa emakethe ngenhloso yokuqinisela umqeqeshi uNasreddine Nabi isikwati sakhe. UNabi usahlezi kwesokuqeqesha aMakhosi yize ezungezwe ngamahlebezi amkhomba endleleni ephumayo eNaturena.

Bayisithupha abadllali asebemenyezelwe yiChiefs njengezinduku zayo ezintsha kodwa okungazibeki wukuthi uhhafu wabo unomlando kwiPirates.

Ngasekuqaleni kweledlule, kumenyezelwe uNkanyiso Shinga, Ethan Chislett noFlavio Silva ngaphambi kokuqinisekiswe obese kuvele kwaziwa ngoPaseka Mako, Thabiso Monyane noSiphesihle Ndlovu.

UMako noMonyane bahlukane nePirates emasontweni adlule, njengoba sebeqashwe yizimbangi ezinkulu iChiefs. UNdlovu owagqama kwiMaritzburg United, wadlalela iPirates ngaphambi kokudlulela kwiSuperSport United esidayisiwe. 

Kunomuzwa wokungeneliseki kubalandeli beChiefs ngalaba badlali kwazise banomlando neBucs. Okungehli kahle yindlela abePirates ababaklolodela ngayo ezinkundleni zokuxhumana ngokuthatha izinsalela zabo.

UMaponyane owadlalela iChiefs iminyaka engu-10, ubekade eseWestville, eThekwini, ngempelasonto ezoqeqesha injejane.

“Ngaphandle kokubukela phansi amanye amaqembu kodwa ukudlalela iDurban (City) nokugqoka ijezi leChiefs yizinto ezimbili ezahlukene,” kusho uMaponyane.

“Kuhlukile ukudlala phambi kwedlanzana labantu nokuzithola sekufanele uthathe izinqumo okufanele zijabulise kumbe zicasule abantu abacela ku-100 000.

“Kulungile uma kukhona ababona sengathi iChiefs ithatha izinsalela zePirates kodwa ngokwami ngibona ubuhlakani ngoba laba abadlali okungeke kubethuse ukudlala phambi kwezinkumbi zabalandeli.

“Akekho ongasazi isimo seChiefs ngakho-ke nalaba badlali ebasayinisile bayazi ukuthi balandelweni. Ngikubona kuzosiza ukuthi bakujwayele ukuba semidlalweni ethathwa njengemikhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.

“Isizini ayikaqali ngakho-ke asilinde sibone ukuthi ubani osayinise ngendlela kodwa iphutha esingalenza wukubuka amagama abadlali bese sithatha izinqumo ngenxa yawo."

Kusukela kuvuleke iwindi, iPirates isisayinise uYanela Mbuthuma noNkosikhona Ndaba (Richards Bay FC), Sipho Mbule (Mamelodi Sundowns), Sihle Nduli (Stellenbosch FC), Oswin Appollis (Polokwane City), Tsepang Moremi (AmaZulu FC), Masindi Nemtajela (Marumo Gallants) noSinoxolo Kwayiba (Chippa United).