INJINI yeMamelodi Sundowns elokhu idlondlobale njalo, uHaashim Domingo, ibona ubungozi bokuphoxeka uma bezoyizela ngobuso iSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership namuhla ngo-5.30 ntambama, eLoftus Versveld, ePitoli.
ISundowns esayizwa ngendaba induku kule sizini kwiligi, izokwamukela omakhelwane bayo iSuperSport, engelinye lamaqembu ayinyonyobelayo esicongweni sombango wesicoco seligi.
Yize iSuperSport ijikelwe yiMarumo Gallants njengotshwala esisiwini emdlalweni wayo odlule yayishaya ngo 2-1, isahleli endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-11.
UDomingo (26) okhulele kwi-Ajax Cape Town ngaphambi kokuyodlalela amaqembu amabili asePortugal nelaseNorway, ulokhu esiphakamise njalo isandla emidlalweni yeSundowns, okufakazelwe ukuthi aqokwe njengovelele ngesikhathi leli qembu libambana neCape Town City muva nje.
Yize ukuzethemba kuphezulu kuyena kodwa akangabazi ukuthi bazowajulukela amaphuzu amathathu ngenxa yohlobo lwabadlali abazobhekana nalo komakhelwane babo eLoftus.
“Okusemqoka ukuthi sisheshe siwukhiphe ezingqondweni umphumela weCape Town City bese sigxila ngokuphelele kwiSuperSport ngoba nayo iza nobayo ubungozi nobunzima,” kusho lo mdlali iSundowns emthole kwiBidvest Wits ngo-2020.
UDomingo ukhumbuze ozakwabo ukuthi bangakukhohlwa ukuthi umdlalo wabo neSuperSport uzocaca maphakathi nenkundla la yena, uRivaldo Coetzee no-Andile Jali bezobe bedudulana khona nabadlali beBafana Bafana.
“Ukhiye usesiwini kulo mdlalo ngoba uTeboho (Mokoena) noSipho (Mbule) bobabili abayinkinga, bazobe becinga amabhola ngenhloso yokwakhela amathuba uThamsanqa (Gabuza) ovutha amalangabi kulezi zinsuku noBradley (Grobler) oyingozi ngendlela emangalisayo kumabhola asemoyeni.
“Ngibheke umdlalo onzima yingakho ngixwayisa ozakwethu ngokuthi kufanele sihlale siqaphile ikakhulukazi kumabhola amade ngoba leyo yindlela iSuperSport eqeda ngayo amaqembu,” kusonga uDomingo.
Lo mdlali ukhuluma kanjena ukaputeni we-United, uRonwen Williams utshele abezindaba ukuthi bafuna ukuvuka ngalabo mpetha beligi ngemuva kokuqhuzuka kwiGallants.
Ngaphambi kwemidlalo yanamuhla, iSundowns ingcono ngamaphzu amahlanu kwiStellenbosch FC esendaweni yesibili ekubeni isele ngowodwa.