UMGADLI weKaizer Chiefs uSamir Nurkovic, ubukeka engumdlali omuhle selokhu efikile eNaturena Isithombe: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI wenkulisa kwiKaizer Chiefs, uDonald “Ace” Khuse, ubona omunye wabagadli baleli qembu ezoshaya amagoli angaphezu kweshumi kule sizini.

UKhuse utshele leli phephandaba ngesikhathi ehambele uPongolo Mayoral Cup ngempelasonto, ukuthi uSamir Nurkovic odabuka eSerbia, usazogila izimanga ngenxa yobuhlakani nokulambela ukwenza kahle kuMakhosi.

Selokhu efikile eNaturena, uNurkovic, uyabonakala ukuthi uphokophele kuphi njengoba eseshaye igoli elilodwa, wakha namanye ambalwa.

Ngaphandle kokuthi uqashelwe ukuhlohla amagoli kuleli qembu kodwa lo mgadli akanawo sanhlobo umona njengoba ekwazi ukuphasela abanye abasendaweni enhle ukuba bashaye amagoli.

Amakhosi yiwona aqhwakele kwi-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu ayishumi emidlalweni emine. UKhuse uhluleka nawukuzibamba ngendlela achazeke ngayo ngokuzimisela kwalo mdlali waseSerbia.

“Unekhono eliyisimanga loya mdlali (esho enikina ekhanda emoyizela). Kufanele uma sifuna umgadli wangaphandle asinike lokhu esisuke sishoda ngakho, yikona kanye-ke lokhu okwenziwa uNurkovic.

Unomoya, unamandla, muhle ekhanda, muhle ezinyaweni pho ungathi ufunani? Okungichaza kakhulu kuyena wukuthi uyawubona ngisho emahlweni umlilo wokulangazelela ukushaya amagoli futhi uyazinikela.

Wenza nokuthi abanye abadlali abaseduze kwakhe bagqame ngenxa yeminyakazo emihle ayenzayo. Uma ungangibuza mina, ngingakutshela ukuthi angingabazi ukuthi uzoshaya amagoli angaphezu kweshumi kule sizini,” kusho uKhuse ubumbona ukuthi ujabule.

Akuyena kuphela uKhuse okhala ngekhono likaNurkovic kodwa sebekhona nabanye abaqeqeshi abangawuvali umlomo ngalo mgadli. Muva nje uBenni McCarthy opheka iCape Town City umchome uphaphe lwegwalagwala uNurkovic ezakhe ziguqa ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiership obuseKapa.

Ebuzwa ukuthi kungani iChiefs iqale kahle kangaka uma kuqhathaniswa namasizini ambalwa edlule, uKhuse uthe: “Bekushoda inhlanhla kwaphela. Bekuba khona imidlalo lapho iqembu belakha inqwaba yamathuba kushode nje kuphela ukuthi ibhola lingene enethini. Ibhola linjalo-ke lifuna inhlanhla. Siyashweleza futhi nakuNkulunkulu ukuthi uma kukhona esakwenza okubi, noma lapho sashelela khona asizwele ngoba sifuna kubuye izinsuku zenjabulo kuleli qembu”.