LUZOQHUBEKA ngaphansi kwefu elimnyama ukhetho lweSouth African Football Association (Safa) kulandela inkulumo kaRia Ledwaba (olungenele), ekhomba ukuthi icala abelifake enkantolo ngenhloso yokulumisa, usekhona uphawini wokuthi alubuyisele khona noma eseqokiwe umengameli omusha.
ISafa izokhetha umengameli omusha ngoMgqibelo phakathi kukaLedwaba, umengameli okhona njengamanje, uDanny Jordaan, noNgoako “Solly” Mohlabeng, ongumengameli weSafa eTshwane.
Lolu khetho, osekukhulunywe kakhulu ngalo, luzoqhubeka nje ngesonto eledlule uLedwaba uchithwe inkantolo ezama ukuthi lumiswe kumbe luhlehliswe ezeseka ngokuphendulwa komthethosisekelo wenhlangano ukuze (ukhetho) luvune abathile.
Ngemuva kokuchithwa kwecala likaLedwaba ngesizathu sokuthi akukho okuphuthumayo ngalo, kuvele amahlebezi okuthi uzohoxa yize ikhempu yakhe ikuphikile lokhu kuleli phephandaba ngasekuqaleni kwesonto.
NgoLwesithathu ekuseni uLedwaba, obekhuluma kwiNewzroom Afrika eqhuba umkhankaso wakhe, uthe yize elulungele ukhetho kodwa akangabazi ukuthi ngeke lube ngolukhululekile nolunobulungiswa.
“Nakuba ngimile ekutheni ukhetho lweSafa angihambisani nalo kodwa ngiyaqhubeka ngoba ibhola laseNingizimu Afrika liyaludinga ushintsho,” kusho uLedwaba kulesi siteshi sethelevishini.
“Isinqumo senkantolo sikucacisile ukuthi sincike endabeni yesikhathi, hhayi lokhu okuqukethwe amaphepha esiwafake khona (enkantolo).
“Ngisho ijaji likuvezile ukuthi udaba lusengaya enkantolo nangemuva kokhetho lapho kuzobe sekudingidwa umnyombo walokho engikhala ngakho,’’ kusho uLedwaba.
Owayengunozinti kwiKaizer Chiefs, uBrian “Spider Man” Baloyi, uphumele obala ngokuthi uhamba noLedwaba kulolu khetho ngoba iSafa iyasidinga isandla esihlukile.
“Ongathi akaboni ukuthi ibhola laseNingizimu Afrika lihlehla nyova, ngabe uqamba amanga ngoba konke obekwenzeka kahle eminyakeni edlule akusenzeki,” kusho uBaloyi kwi-eNCA engxoxweni ayenze ngoLwesithathu ekuseni.
“Kusukela sidle isicoco se-Afcon ngo-1996 akukho okungcono esike sakwenza ngaphandle kokubulala ibhola emazingeni aphansi njengasezikoleni okuyiwona azokhiqiza iBafana Bafana esiziqhenyayo ngayo kusasa.
“Akekho okulwiwa naye kepha silwela isithunzi nekusasa lebhola laseNingizimu Afrika,” kusho uBaloyi owayevimbela neBafana.
Ngempelasonto ngemuva komhlangano weSafa, ithimba labezindaba lale nhlangano likhiphe umbiko othi abesifazane abakuyona abahambisani nomkhankaso kaLedwaba. Eziphendulela, uthe akukukholwa lokho ngoba kwasithombe esikhishiwe lapho abesifazane bebengunge uJordaan, ubona ukuthi sithathwe “bengazi ukuthi bekungesani”.