EMUVA kokuba AmaZulu ehlule iStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership, okuwenyusele endaweni yesibili kwi-log, umqeqeshi waleli qembu, uBenni McCarthy, uthe akusho ukuthi “usezoqhiyama abheke phezulu abheme isigazu“.
Lo mdlalo uSuthu eliwunqobe ngo 1-0 ubudlalelwa eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, eKapa ngoLwesihlanu ebusuku.
Lokho kungenzeka ukuba kusho lukhulu ngekusasa lakhe oSuthwini, okuyinto okungabuzwa ukuthi abalandeli beNyokan’eluhlazana bafisa ukuyizwa.
UMcCarthy ungomunye wabaqeqeshi abamataniswa nomsebenzi wokucija iBafana Bafana, kodwa lokho kudala ukungazinzi kubalandeli boSuthu.
Okwenza lokhu wumcabango wokuhlanyukwa wumqeqeshi ofike wakhipha iqembu ezembeni, walinyusela esicongweni seligi kangangoba selibanga isicoco, okuyinto engasaziwa eMbelebeleni.
Okudala uvalo kubalandeli wubungozi bokushiywa wumqeqeshi osenqobe imidlalo eyisithupha ilandelana, ongakaze ahlulwe kusukela kuqale u-2021 emidlalweni yeligi.
“Imidlalo eyisithupha (beyinqoba kulandelana) nerekhodi elihle lemidlalo eminingi engangenelwa goli (kweyisishiyagalombili) yirekhodi elihle kuVeli (uMothwa, unozinti AmaZulu amhlwithe kwiChippa United ngoJanuwari). Yinto enhle kakhulu,” kusho uMcCarthy.
AmaZulu awadlalanga umdlalo omuhle eKapa kwazise abekade eseVenda esontweni elifanayo nakhona abuye namaphuzu amathathu kwiBlack Leopards kodwa uMcCarthy akayibukeli phansi injabulo.
“Asibanga nomdlalo omuhle kodwa ngingumqeqesi ojabule kakhulu,” kusho uMcCarthy.
Kungukukhuluma okwaziwayo ukuthi uMcCarthy yize edabuka eKapa kodwa indabuko yakhe iqala KwaZulu-Natal ngonina, okuyinto ezwakalayo ukuthi uyayithakasela cishe engenza umlandeli angabi novalo lokuthi uzohamba.
“Yizinsuku zentokozo esizweni saKwaZulu ukuthi iqembu labo liqoqe amaphuzu awu-40 kusasele imidlalo eyisishiyagalombili. Yinto leyo esiyazi sonke ukuthi iyivelakancane kuMaZulu. Ngakho ngiyafisa ukuthi kube wukuthi bajabule abantu ngaleli qembu labo,” kusho uMcCarthy.
Yize AmaZulu abebhinciselwe nxanye kodwa iqinso wukuthi bakhona abadlali bawo abebefanelwe wukuklonyeliswa njengabagqamile ngokuphela kulo mdlalo.
Lo mklomelo ugcine unikwe uThapelo Xoki kodwa ubungawela kalula kuLehlohono Majoro, Siyethemba Sithebe noMothwa osindise iqembu lapho isho ukuqeda ngalo iStellies.