UVUYO Mere obedlalela iBidvest Wits kuvela ukuthi uzama inhlanhla kwiMoroka Swallows edlala kwiGladAfrica Championship Isithombe: BACKPAGEPIX

UZAMA inkontileka kwiMoroka Swallows esigabeni iGladAfrica Championship owayeyisiqongqwane seMamelodi Sundowns, uVuyo Mere, ochithwe yiBidvest Wits ngasekuqaleni kwesizini.

UMere (35) ongomunye wabadlali asebedlale isikhathi eside kwiPremier Soccer League (PSL) uqale ukuziqeqesha neSwallows ngoLwesibili. Ubedlala ngesikhathi leli qembu libhudluzwa yiBafana Bafana ngo 6-0 emdlalweni wokuzicija eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesithathu.

UMere, odlale isikhathi eside kwiPlatinum Stars, uzakhele igama edlala emuva kwesokudla kwiHellenic yaseKapa ngaphambi kokudlulela kwiSundowns. IWits iqoke ukungawusebenzisi umbandela wokuvuselela inkontileka yakhe yonyaka abekade eyisayine nayo. Kunalokho umqeqeshi uGavin Hunt uncamele ukusayinisa uZitha Macheke obekwiChippa United noSiyanda Zwane ohlukane neSundowns.

Emdlalweni neBafana kwiSwallows, uMere ubedlaliswa esiswini maphakathi nenkundla nokuyindawo okuthiwa umqeqeshi uZeca Marques umfunela yona.

“Ufike lapha ngoLwesibili. Ubeziqeqesha neqembu okwesibili njengoba kade bedlala neBafana. Bafuna ukumsayinisa, sebeqalile izingxoxo naye. Bamfunela indawo yamaphakathi nenkundla kwazise vele uke wayidlala eminyakeni edlule. Umqeqeshi ufuna amsize kuyona nangamava anawo ebholeni,” kusho umthombo ongaphakathi kwiSwallows.

Imizamo yokuthola uMarques ayiphumelelanga.

ISwallows inabo abanye abadlali abasuka kwi-Absa Premiership okukhona kubona uThapelo Tschilo owayedlala kwiSundowns nakwiPolokwane City noLebogang “Cheeseboy” Mokoena wodumo kwi-Orlando Pirates, ongukaputeni.

Ayikawini nowokubika umdlalo kusukela kuqale isizini. Ihlulwe kanye yadlala ngokulingana kwemibili.

“Kufanele izinto zilunge. Kufanele iqembu lihlangane, akukho ukwenza ngokunye. Asikawini kule sizini. Kufanele sibhukule, sishintshe izinto,” kusho umthombo.