IHAMBA ngamabili okwethumbu lenkukhu iminjunju kukaputeni weTS Galaxy, uGiven Msimango, olimale besalungiselela isizini ka-2021/2022 waze wamphuthelwa yithuba lokulwela indawo kwiBafana Bafana.
Usawoti kuleso silonda kube wukubukela esemagunjini ongoti bezokwelapha ngesikhathi iqembu lakhe lithelwa yizagila, nokuholele ekutheni lixoshe u-Owen Da Gama obengumqeqesi walo.
“Kuyajabulisa ukuthi umqeqeshi weqembu lesizwe akabizi abadlali ngokubheka igama leqembu odlala kulo. Nami njengomunye wabadlali abasebancane, bengilibhekile ithuba futhi ngisalibhekile,” kusho uMsimango.
“Sengiluleme ngoba sengiyajima, ngibuya khona nje sikhuluma. Kubukeka sengathi kuzophela u-Okthoba sengibuyele enkundleni. Yize kube buhlungu ukungakwazi ukulwela indawo kwiBafana ngenxa yokulimala kodwa okube buhlungu kakhulu wukubuka iqembu lidonsa kanzima ngekota yokuqala yesizini.”
Emuva kokuhamba kukaDa Gama kwiGalaxy, eyibambe amathukwini e-log ngamaphuzu amabili, idedele nobeyiphini lakhe uShaun Bartlett. EsikaDa Gama isikhundla sivalwe nguSead Ramovic waseGermany.
KwesikaBartlett kuqashwe uMensur Dogan, waseBosnia, okuvela ukuthi uzosheba ukuba yiphini lomqeqeshi nokuba ngumqondisi webhola eqenjini laseMbombela.
“Ikhefu (leFifa) esibuya kulo libe mqoka kakhulu eqenjini ngoba sithole ithuba lokujwayelana nomqeqeshi omusha. Kuhlale kukubi ukulahlekelwa abaqeqeshi basekhaya ngoba ukunikwa kwabo ithuba, kusho lukhulu entuthukweni yebhola lethu kodwa-ke ibhola wulimi olufanayo nje emhlabeni wonke.
“Ayibanga khona inkinga yokuxhumana ngokolimi nengicabanga ukuthi siya simqonda ukuthi ufuna sidlale kanjani,” kusho uMsimango.
IGalaxy yize ibalwa neMarumo Gallants, emaqenjini angakanqobi emidlalweni yeligi kule sizini emuva kwemidlalo emihlanu kodwa uMsimango uthi naMaZulu ababuyela ngawo enkundleni ngoLwesibili, kumqoka ukubalula ukuthi asanqobe umdlalo owodwa. Bahlangana eMbombela Stadium ngo-5.30 ntambama.
“Bayiqembu elihle futhi elinomqeqeshi okahle kakhulu nokho ibatha abaqale ngalo liyafana nelethu. Ngeke ubathathe kancane ngoba bangelinye lamaqembu ambalwa eligini adlala ibhola elimnandi. Basanqobe umdlalo owodwa nokusenza singangenwa ngamanzi emadolweni ngesimo sethu ngoba kuyacaca ukuthi iDStv Premiership yiligi ebucayi kakhulu. Unqoba umdlalo owodwa kujike izinto eziningi,” kusho uMsimango.
Awumude umlando phakathi kwaMaZulu neGalaxy kwazise basabhekane kabili kuphela.