UZOSONGWA lo nyaka isilomo se-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch singabonwa nangokhalo enkundleni.
Ngemuva kokuthi eZimnyama zishaye iSwallows ngo-1-0 emdlalweni obuse-Orlando Stadium, uFadlu Davids elinye lamabamba mqeqeshi kuleli qembu, uveze ukuthi uLorch ulimele, kuzomthatha isikhathi eside ukuthi aphole.
"Uzoze uphele lo nyaka uLorch engadlali. Unokulimala okuzothatha isikhathi eside ukuthi kuphole," kubeka uFadlu ngaphandle kokuchaza okuningi.
Kusukela ngesizini edlule uLorch uneshwa lokulimala. Ulimale kanye noZakhele Lephasa noTshegofatso Mabasa osebuyile.
Nakuba uFadlu engandanga ngokulimala kukaLorch kodwa uJazzman Mahlakgane oyimenenja yalo mdlali, utshele Isolezwe ukuthi ngesonto eledlule le njini ihlinzwe ehlombe.
Phambilini obengumqeqeshi wePirates, uJosef Zinnbauer uke wakusho ukuthi uLorch ulimele ihlombe.
UMahlakgane ulindele ukuthi unyaka uphele uLorch eseluleme.
"Ngokwazi kwami uLorch uzohlala inyanga noma ezimbili kuphela engadlali. Lo nyaka ungaphela eseqalile ukudlala.
“Bese kumphoqa ukuyohlinzwa uThembinkosi. Leli hlombe bese limhluphe isikhathi eside. Ngimfisela ukululama okusheshayo muningi umsebenzi osamhlalele. Ngikholelwa ekutheni ungenye yezinkanyezi zeNingizimu Afrika. Kungiphatha kabi ukuthi lokhu kulimala kumphuthisele ngezinto eziningi ezinhle kusukela ngesizini edlule. Asithembe ukuthi uzophola ngokushesha,” kubeka uMahlakgane.
Emasontweni edlule uLorch uke waba sematheni ngemuva kokuvela ohlelweni olukhonjiswa kwiSuperSport, iSitting with Stan, lapho ethe akukho ukudlala ngokubambisana kweZimnyama.
Phambilini kuke kwavela ukuthi lo mdlali akasafuni ukudlalela eZimnyama. Kuqhamuke nemibiko ethi ufunwa uthuli iMamelodi Sundowns, namaqembu aseBelgium, iRoyal Union Saint-Gilloise neClub Brugge.
Noma kunjalo uMahlakgane ugcizelele ukuthi lo mdlali usazohlala kweZimnyama.
Uthe isivumelwano anaso neqembu siphela ngo-2024.
ULorch olime indima enkulu ngesikhathi ezakhe ziqukula inkomisi yeMTN8 ngesizini edlule, udlale kuphela ezakhe zibhekene neKaizer Chiefs kwiCarling Black Label Cup ngaphambi kokuqala kwesizini. Lo mdlali wagqama kakhulu ngesizini ka-2018/2019 wagcina eklonyeliswe nge-Premiership Footballer of the Season nePlayer's Player of the Season.
Kusukela lapho uke wangabonakali isikhathi eside, kwavela ukuthi uhlushwa wukulimala.
Ngemplasonto iPirates inqobe okokuqala kule sizini ihlula iSwallows ngo 1-0 kwiDStv Premiership ngegoli likaTshegofatso Mabasa e-Orlando Stadium. Isinamaphuzu amahlanu emidlalweni emithathu yeligi.
NgoMgqibelo izovakashela iChippa United ngo-3 ntambama, eNelson Mandela Bay, eGqeberha.