Sithembiso Mkhize
Usihlalo weMaritzburg uFarook Kadodia uthe bazocela iPirates ukuthi isale isibadayisela uTebogo “Messi” Tlolane ofike ekuqaleni kwalo nyaka eMphithi.
Isivumelwano sala maqembu kwakuwukuthi umdlali uzobuyela emuva ekuqaleni kukaJulayi nokho kwaphinde kwavunyelwana ngokuthi aqede isizini ka-2019/20 ebanjezelwe wukuqubuka kweCovid-19.
Selokhu efikile uTlolane kwiTeam of Choice usephenduke elinye lamasosha ayizithandwa zika-Eric Tinkler ongumqeqeshi. Emdlalweni wokugcina weligi neBloemfontein Celtic uyena ovalele phakathi elokubika ezakhe zibhaxabulwa ngo-3-1.
UKododia uthe maduze bazohlangana nezikhulu zePirates ukuthola ukuthi ngeke yini isale seyibanika ngokuphelele uTlolane.
“Selokhu efikile wenze umsebenzi oncomekayo. Ungenye yezinsika zethu. Sihlela ukukwenza maduze lokhu kwazise isizini ka-2020/21 isisemome. Isizini ezayo izoba ngenzima kwazise kasizoba khona isikhathi sokuphumula. Sidinga abadlali abafana naye uTlolane abazokwazi ukumelana nengcindezi,” kubeka uKadodia.
UTlolane othathwe yiBucs kuChippa United ugijime kwiTeam of Choice imidlalo ewu-11.
UKadodia uphinde wathi bazomsayinisa uPhumlani Ntshangase obebolekiswe yiBidvest Wits okuphelayo ngayo njengoba isithengwe iTshakhuma Tsha Madzivhandila.
Inkontileka yakhe neWits iphele ngoJuni. Lo mdlali wasesiswini kwiMaritzburg kwisizini esanda kusongwa udlale ewu-11 yeligi nemibili yeNedbank Cup.
UKadodia uphinde wathi bathungatha isitobha esizovala isikhala sikaSiyanda “Magazi” Xulu odlala maphakathi emuva nesomgadli njengoba kuhambe noJeremy Brockie.
UXulu obeyinsika kwiMaritzburg ujoyine iHapoal Tel Aviv edlala kwi-Isreali Premier League. UBrockie ubuyele emndenini wakhe ose-Australia.
EzikaKadodia zisonge isizini ka-2019/20 zisendaweni yesikhombisa kwi-Absa Premiership.