XOLILE MPISANE
South Africa (1) 2
Malawi (1) 3
KUPHELILE ukukhonya kweNingizimu Afrika kwiCosafa Women's Championship ngesikhathi idliwa iMalawi ngo-3-2 kowandulela owamanqamu eNelson Mandela Bay Stadium, ngoLwesine ntambama.
Elakuleli bese linqobe lo mqhudelwano iminyaka emine ilandelana. La maqembu adlalile esigabeni samaqoqo, elakuleli ladlula ngo-2-1 njengoba ebesephinda ehlangana.
USabina Thom ushayele izivakashi amagoli amabili, elinye laqhamuka kuFazila Chempembezo. AweBanyana ashaywe nguSibulele Holweni.
Ithuba lokuqala eliyingozi litholwe yiqembu lakuleli ngomzuzu ka-25 ngesikhathi uNoxolo Cesane eputshuzela uHolweni ibhola ngakwesokunxele, wabe esededela ishodi elihle kodwa wakwazi ukuliphebeza unozinti weMalawi uRuth Mhango.
Izivakashi ziyibhakuzise kuqala inethi ngomzuzu ka-38. U-Ireen Khumalo uthumele i-freekick ebhokisini, uRuth Nyirengo wayidlulisa ngekhanda, uChephembezo wayingqofela phakathi engamakiwe.
IBanyana ithole elokulinganisa sekusele amanenjana kuyiwe ekhefini. UHolweni uthole ibhola engaphandle kwebhokisi, wadonsa intambo ende encwinte ipali phezulu yangena phakathi.
Ngesiwombe sesibili umdlalo bewuphethwe yiqembu lasekhaya kodwa lihluleka ukwakha amathuba acacile.
IMalawi iphinde yabajezisa ngomzuzu ka-73, u-Asimenye Simweke egoba ibhola ngakwesokunxele, lathola uThom ezimele yedwa ebhokisini, walibeka enethini ngebatha.
IBanyana ithole iphenathi ngomzuzu ka-80, uMelinda Kgadiete ethelwa phansi ngukaputeni weMalawi, uMadyina Nguluwe, uHolweni wayivalela phakathi.
Injabulo isheshe yaphela eqenjini lasekhaya ngesikhathi iMalawi ithola igoli lesithathu ngomzuzu ka-85. IBanyana ihlulekile ukushanela ibhola emuva, lawela kuThom, washaya igoli elibeke iqembu lakhe kowamanqamu.
IMalawi izobhekana neTanzania kowamanqamu ngoMgqibelo ntambama. ITanzania ihlule iZambia ngo-3-2 kumaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo-1-1.
IBanyana isizobanga indondo yethusi neZambia ngeSonto, ngo-12 emini.
Khonamanjalo; kunemidlalo emine yeHollywoodbets Super League kule mpelasonto. IDurban Ladies inethuba lokubuya namaphuzu amathathu njengoba izovakashela iqembu elisemsileni, iTsunami Queens, eTabazwe Sports Complex.
IDurban Ladies isidlale imidlalo emihlanu ilandelana ingayazi iwini futhi ihluleka ukushaya amagoli.
ITsunami Queens isidliwe imidlalo engu-12 ilandelana. Yagcina ukunqoba ihlula yona iDurban Ladies ngo-3-2 ngoJuni.
Imidlalo yeHollywoodbets Super League kule mpelasonto:
NgoMgqibelo: 3pm- Thunderbirds Ladies v First Touch Ladies (Sisa Dukashe Stadium); Tsunami Queens v Durban Ladies (Itabazwe Sports Complex).
NgeSonto: 3pm-Bloemfontein Celtic Ladies v Ma-Indies Ladies (Goble Park); Richmond United v Golden Ladies (Merino Stadium)