ISUMMERFIELD Dynamos yaKwaZulu-Natal iyilahle ekugcineni idlala ngokulingana neSabie Bayern yaseMpumalanga emdlalweni wokuvula kaGroup C wama-Play Offs e-ABC Motsepe League kazwelonke aqhubekayo eNorth West.
IDynamos ibekwe phambili nguLucky Nguzana sekusele amanenjana kuyiwe ekhefini.
Nokho u-Alex Khumalo uyiphuce iqatha emlonyeni ngomzuzu ka-94 engqofela phakathi ikhona eholele ekutheni umdlalo uphele zibambene ngo 1-1.
Lo mphumela uchaza ukuthi abafana bakaClinton Larsen kufanele balwele ukuwina noma yikanjani uma sebebhekene neNorth West University Soccer Academy yaseNorth West ngoLwesine emini.
Kungenzeka bangene enkundleni neNMU Soccer Academy sebelandela ngemuva ngamaphuzu uma iBayern ilehlulile leli qembu emdlalweni ozoba ngoLwesithathu ntambama.
Ayisishiyagalolunye amaqembu aphuma kuzona zonke izifundazwe abanga izindawo ezimbili kwiGladAfrica Championship.
Emuva kwemidlalo yamaqoqo, amaqembu amathathu azoqeda phezulu, azohlangana nelenze kangcono kwazoqeda endaweni yesithathu ukukhipha amane azogadulisana kowandulela owamanqamu.
Amabili azowina lapho azonyukela kwiGladAfrica. Elizowina owamanqamu ngoLwesihlanu lizohlomula ngo-R1million. Elehluliwe lizothotshwa inhliziyo ngo-R600 000.